MNUZ Busani Khomo
Image: Facebook/Busani Khomo
KULINDELEKE ukuthi bagwetshwe ngoLwesibili oluzayo abesilisa ababili abalahlwe yicala lokudubula, babulale owayenguthishanhloko obambile esikoleni iSikhethuxolo High eMpumalanga, eHammarsdale.
Kulesi sigameko esenzeka ngoDisemba 5, 2024, abasolwa badubula, babulala uMnuz Busani Khomo (57) ngezikhathi zokuphuma kwesikole, esathi uyaphuma emagcekeni esikole ngeToyota Fortuner ayehamba ngayo. Bamdubula amahlandla amaningi, kwamenela endaweni yesigameko.
OBheki Grabriel Dube noSibonelo Bhongo Sibiya, abalahlwe yicala lokubulala eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu, baboshwa ngasekuqaleni konyaka odlule ngaleli cala.
Ngesikhathi kuqhubeka ukuqulwa lwalo enkantolo, kwavela ukuthi bathengwa wumuntu ongaziwa, owabafakela isamba semali, ngoba efuna uKhomo asuke endleleni yesikhundla ayeyibamba kusona.
Inkantolo ibathole benecala ngoLwesibili, kwathi izolo abameli babo, benza izethulo zokubacelela isigwebo esincane.
Esitatimendeni sikamfowabo kamufi, uMnuz Mvunga Khomo, esifundwe izolo enkantolo, lapho enaba khona ngokuthi umndeni washayeka kangakanani ngokubulawa kukamufi, uthe wayengesiye nje umholi oqotho esikoleni, kodwa wayengumuntu ofanayo nasemndenini.
“Wayengumbumbi womndeni futhi egqugquzela ukuthula. Angagcini lapho, aphinde eseke ngemali imindeni ehlwempu endaweni. Ukubulawa kwakhe, akukhahlamezanga umndeni kuphela kepha kwakhahlameza nomphakathi wonke waseMpumalanga,” kusho uKhomo.
Uqhube wathi kwenzeka isigameko nje, basebeshintshisana ngokunakekela unina (94).
“Phakathi nesonto wayehlala kwami eMgungundlovu, kuthi ngezimpelasonto abe semzini kamufi eCato Ridge,” kusho uKhomo, othe emva kokufa kukamfowabo, unina akabange esaqhubeka nokuya eCato Ridge ngezimpelasonto.
Uthe ukukhahlamezeka ngokubulawa kukamfowabo babekubona ngisho nakuye unina (94), owayengasabuthu quthu ubuthongo, agcine esekhuluma yedwa ebusuku, ebuza ukuthi ababulali babona kungcono babulale eyakhe ingane.
“Wayeze abuze ukuthi yayibenzeni, athi uma yayibakweleta, babengasho ngani, bakhokhelwe imali yabo, bese eyasidinda isililo,” kusho uKhomo.
Uveze ukuthi lokhu kwayithikameza kakhulu impilo kanina, owayesehlala ngokungaphili, ede ethi akayiswe ethuneni lendodana yakhe.
“Kwagcina kumenela ukufa ngoJulayi nyakenye. Lokhu kwadala obukhulu ubuhlungu kimi, kwavuka izilonda zokubulawa kukamfowethu ngesihluku,” usho kanje.
Uthe usehamba odokotela abeluleka ngokwengqondo ukuzama ukumelana nesimo, nokuyinto abengakaze ayenze selokhu azalwa.
Uveze ukuthi nasendodaneni kamufi, uZibusiso Khomo, isimo asibanga sihle ngokubulawa kukayise. Uveze ukuthi nakuba bengakaze balubone unyembezi luqathaka emehlweni ayo kodwa bezwa ngabangani bayo ukuthi emva kokubulawa kukayise, yavele yayothenga isibhamu esiyithoyizi, ngale kokwazisa umndeni.
“Sathola ukuthi uthi usithengele ukuzivikela,” usho kanje.
Uveze ukuthi abanye abafowabo, abezi nakuza enkantolo, ngoba bayahluleka ukubhekana nababulali.
“Mina into eyongithoba amanxeba wukuthi bakhiphe owabakhokhela imali yokuthi babulale umfowethu ukuze ngimbuze ukuthi kungani akhetha ukumbulala , kungani engavelanga wasibulala sonke,” kusho uKhomo