USOMLOMO wePhalamende uNkk Thoko Didiza esithangamini nabezindaba ngamalungiselelo okuvulwa kwePhalamende nenkulumo kamengameli ayibhekise esizweni
Image: GCIS
UMBUTHO wokuvikela uviliyela ngaphandle kwehholo okuzobanjelwa kulona umcimbi wokuvulwa kwePhalamende, ohambisana nenkulumo kamengameli Cyril Ramaphosa ayibhekisa esizweni
Image: GCIS
YEHLISIWE imali ebekelwe umcimbi wokuvulwa kwePhalamende, ohambisana nenkulumo kaMengameli Cyril Ramaphosa, ayibhekise esizweni azoyethula eKapa namhlanje ebusuku.
Kulo nyaka lo mcimbi osuke uhambisana nengqephu ezimenyweni ezisuke ziwuhambele, kubekwe isabelomali sika-R7 million. Nyakenye umcimbi wawuhlinzekwe ngo-R15 million, kodwa kwagcina kusebenze u-R12.3 million.
Lokhu kuvele izolo ngesikhathi izikhulu zePhalamende, zikhuluma nabezindaba ngamalungiselelo omcimbi ozoba sehholo ledolobha iCity Hall, eKapa.
UNobhala wePhalamende, uMnuz Xolile George, uthe nyakenye into eyadla imali eningi wukuqashwa kwezinto zobuchwepheshe bokuqopha.
Uthe lobu buxhakaxhaka badla u-R9.1 million bubodwa, wathi kulo nyaka bahlela ukuyehlisa kakhulu imali ezosebenza emcimbini.
"Kumele zehle izindleko ezihambisana nomcimbi wokuvulwa kwePhalamende. Kuzokhumbuleka ukuthi nyakenye kwaqashwa ne-ICC ngoba kwakukhona ababehlaliswe khona, kanti kulokhu kuzoba nobhazabhaza wetende elikhulu ozoba ngaphandle kwehholo ozosetshenziselwa ukuhlalisa abathamele umcimbi," usho kanje.
USomlomo wePhalamende, uNkk Thoko Didiza, uthe konke sekumi ngomumo ngalo mcimbi njengoba kuzobe kunezimenywa ezivela emikhakheni ehlukene.
Uthe kumenywe nababengomengameli bezwe kanjalo nababengabaholi basePhalamende naseMkhandlwini weziFundazwe.
"Ababengomengameli, oMnuz Jacob Zuma noKgalema Motlanthe, baqinisekisile ukuthi bazoba yingxenye yomcimbi. UMnuz Thabo Mbeki yena uxolisile wathi ngeke aphumelele. Asilinde kuze kufike usuku lomcimbi ukuze sibone ukuthi obani abazobakhona nabazobe bengekho," usho kanje.
Uthe eCity Hall kuzobe kunezimenywa, amalungu ePhalamende naweNdlu yoMkhandlu weziFundazwe kanti le ndawo imumatha abangu-490.
"Sithole nezicelo ezingu-1 400 ezivela kwabezindaba abafuna ukuba yingxenye yomcimbi, oba minyaka yonke. Sethemba ukuthi kuzoba okokugcina umcimbi ubanjelwa eCity Hall, njengoba zilungiswa izindlu zePhalamende ezashiswa," usho kanje.
Uthe ngoFebhuwari 17 no-18, kuzoba nenkulumo mpikiswano ngenkulumo kaRamaphosa. Uzobe esephendula kule nkulumompikiswano ngoFebhuwari 19.
UNkk Didiza uthe umnyango kaMgcinimafa, uveze ukuthi inkulumo yesabelomali elandela ukwethulwa kwenkulumo kamengameli ebhekiswe esizweni, izoba setendeni elisePhalamende hhayi eCity Hall.
I-National Joint Operational and Intelligence Structure (NATJOINTS), ithe zizobe ziqinile ezokuphepha kulo mcimbi.
Okhulumela uphiko lwamaphoyisa i-SAPS, uBrigadier Athlenda Mathe, uthe iNATJOINTS ihlangana njalo kulungiselelwa lo mcimbi osuke uhanjelwe nangamajaji.
Uthe kulandwe zonke izinsiza ezidingekayo ukuqinisekisa ukuthi umcimbi uba yimpumelelo.
Related Topics: