Izindaba

Wayengafuni nakuyizwa eyebhola osedume ngokweseka iBhakaniya

Simangaliso Ntshangase|Published

UNKK Phindile Dimba, osezakhele ugazi ezinkundleni zokuxhumana ngamavidiyo akhe akhomba ukuthi uwumlandeli wokuqina we-Orlando Pirates

Image: SITHUNYELWE

UKUBA muncu kwesimo okwakuvame ukwenzeka kuNkk Phindile Dimba nomyeni wakhe, bebanga ukuthi akabe esafuna kuzwa lutho uma sekuyisikhathi sebhola likanobhutshuzwayo, kugcine kujika izinto futhi kwakhulisa nothando lwezemidlalo kuyena.

Manje uNkk Dimba, waseMpola, eDassenhoek, eThekwini, akaconsi phansi kubalandeli bebhola likanobhutshuzwayo ikakhulu abe-Orlando Pirates. Manje ungumlandeli weZimnyama ongezwa mshini ngezakhe, futhi usedume kakhulu kuTikTok lapho enabalandeli khona abangaphezu kuka-47 000, nama-likes angaphezu kwa-1.2 million kumavidiyo awafaka khona njalo.

Elandisa ngohambo lwakhe njengomlandeli, uNkk Dimba uthe ubengenankinga nalo mdlalo, kepha inkinga ebiba khona wukuthi bekuba wukuthi uma kudlala ibhola lezinyawo, ikakhulu iKaizer Chiefs elandelwa wumyeni wakhe, kube muncu emzini wabo ngenxa yokuthi owakwakhe akabe esezwa lutho uma sekudlala ezikaShintsha Guluva.

“Le nto yenze ngaze ngabona ukuthi ayikho into engingayenza ngalesi simo ngoba phela umyeni wami ulizwa ngaphakathi ibhola. Ngabona kumele ngibe nendlela nje engingayisebenzisa ukumeseka embonweni wakhe, kepha ngingafuni ukuthi ngihambisane naye kukhona konke okuthinta ibhola likanobhutshuzwayo. 

UNKK Phindile Dimba, osezakhele ugazi ezinkundleni zokuxhumana ngamavidiyo akhe akhomba ukuthi uwumlandeli wokuqina we-Orlando Pirates

Image: SITHUNYELWE

“Ngiiqale kanjalo-ke ukulandelela kakhulu Amabhakabhaka, ngoba ngazi ukuthi yena akawafuni njengoba ewumlandeli waMakhosi. Ngaqala ngenza ama-video njalo uma kudlala iPirates noma uma inqobile, noma kudliwe iChiefs - bese ngiwafaka ekhasini lezinkundla zokuxhumana ngenhloso yokuthi ngihlabekise labo abangasifuni,” kulanda uNkk Dimba.

Eqhuba, uthe ikhasi lakhe liqale ukukhula kakhulu kumasizini amabili kuya kwamathathu edlule ngenkathi eZimnyama zisaqeqeshwa wuJose “The Spanish Guitar” Riveiro, ngoba yilapho ebese zibhaxabula kwasani futhi ziwola izinkomishi amahlandla alandelanayo.

“Khona kubuye kube nalokho kokubheka izinto ezishiwo ngabantu abangahambisani nezinto engizishoyo nengizifaka ekhasini lami, kodwa ngiyaye ngingakunaki kakhulu ngoba mina ngiyazi ukuthi ngisopheni ngalolu hlobo lwama-video engiwenzayo njalo,” kusho yena.

Uthe ufisa ukuthi nabanye abantu besifazane, abangawuqondi nabangawulandeli lo mdlalo kanobhutshuzwayo, baqale manje ukuwulandela nokuwuqonda ukuthi ukanjani ukuze kungabi bikho izingxabano ezingenasidingo phakathi kwabo nabantu abathandana nabo.

“Kanjalo nabesilisa ngiyabakhuthaza ukuthi bengabavaleli ngaphandle abantu abathandana nabo uma sekuyisikhathi sabo sokubuka ibhola, kepha ababajwayeze lo mdlalo futhi nje bakhuthale ukuhamba nezithandwa zabo ukuyobuka ibhola ezinkundleni ezahlukene ukusiza ukuqinisa ukuzwana nobudlelwano babo bothando,” kucebisa yena.

Mayelana nezinhlelo zengomuso, uNkk Dimba uthe ufisa ukuthi agcine enohlelo kuYouTube lapho ezoxoxa khona ngebhola lezinyawo nabangani bakhe, abomndeni nezihlobo abanothando lwebhola nabaliqondayo ukuthi lihamba kanjani.