OPHAKATHI nendawo yinkosi esesihlalweni sobukhosi baKwaNodunga, uNkanyiso Zulu uphahlwe yinduna yaKwaNodunga oMnuz Clermemt Mhlaba kanye noMnuz Bongumusa Zulu (kwesokunxele) othi inkosi eyakhothama yayishiya kuyena incwadi ekhomba umhlahlandlela ngobuholi besizwe
Image: ISITHOMBE : NKOSIKHONA CELE
ASOLANA ngezinsolo ezibucayi amadodana abhekene ngeziqu zamehlo kubangwa isihlalo sobukhosi baKwaNodunga, eMvoti. Izolo icala lombango beliseNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu.
Umbango oshisa phansi uphakathi kwenkosi esesihlalweni njengamanje, uNkanyiso Zulu (28) nomfowabo omdala, uMntwana uMlungisi Zulu (45).
INDODANA endala yenkosi eyakhothama, uMntwana uMlungisi Zulu okholwa wukuthi uyena okumele ngabe usesihlalweni
Image: ISITHOMBE : NKOSIKHONA CELE
Uhlangothi olweseka uMntwana olwela isihlalo lukholwa wukuthi akumele ngabe usesihlalweni umfowabo (uNkanyiso). Lukhala ngokuthi kwaba khona ubudedengu eMnyangweni wokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal wavumela ukuthi kubekwe inkosi ebusayo njengamanje, ebekwe ngo-2021.
Laba ababili kuyavela ukuthi bangamadodana enkosi eyakhothama ngo-2016, uQedisono Zulu. Ngemuva kwalokho kuthiwa kwangena ibambabukhosi elisadla anhlamvana, uMnuz Mphamandla Zulu naye obekhona enkantolo.
UMntwana uMlungisi utshele Isolezwe ukuthi akumele engabe usesihlalweni umfowabo omncane. Uthe usazibuza uyaziphendula ukuthi lokhu kwenzeka kanjani?
Uveze izinsolo ezibucayi zokuthi umfowabo wahamba noyise kwayiwa eThekwini ethi uyamvikela ngoba kukhona abantu abamakhela uzungu abakha itulo lokumsoconga.
''Ubaba emva kwalokho asizange saphinde sambona. Wafika eThekwini wagula waze washona. Nakhona lapho uma eseshonile umfowethu akangitshelanga lutho kunalokho wenza imizamo yokuthi amfihle ubaba ngaphandle kokungazisa. Waqamba amanga eMnyangweni wokuBusa ngokuBambisana wathi mina angiyingeni eyokufihla ubaba," kuchaza yena.
Uthe yena waze wazi ngokushona kukayise ngemuva kwesikhathi esingangenyanga. ''Yinto enjani nje leyo uyabona ukuthi wayefisa ukumfihlela eThekwini ubaba ngaphandle kwesizathu," usho kanjena.
Uthe umngcwabo kayise wawungeke uqhubeke engekho ngoba njengendodana endala kwakumele enze usiko lokuphatha umkhonto phambi kwesizwe.
Eqhuba uveze ukuthi inkosi esesihlalweni uyishiya ngeminyaka eminingi futhi ayimelami nokumelama njengoba yena elanywa yintombazane.
Mayelana nencwadi, lolu olunye uhlangothi oluthi yashiywa yinkosi ngaphambi kokuba ikhothame, uthe leyo ncwadi inkantolo yayichitha ngoba yayingasayiniwe.
Uthe kwathi sekwenziwa ucwaningo kwatholakala ukuthi ayibhalwangwa ngumufi. Ingwevu endala yaKwaNodunga, uMnuz Thabani Zulu, ithe kwaba nephutha ukuba kubekwe inkosi esesihlalweni ekhona uMntwana uMlungisi. Uthe lokhu abakwenza babekwenza benenhloso yabo ethile.
Ngakolunye uhlangothi abeseka inkosi esesihlalweni bathi ibambe ngakho vele kumele ngabe iyona esesihlalweni ngoba lokho kwakuyisifiso sikayise ngaphambi kokuba akhothame.
Induna yesizwe, uMnuz Clerment Mhlaba ilibeke ngembaba elokuthi inkosi ekhona njengamanje yagunyazwa yinkosi eyakhothama ngencwadi eyayibhala isadla anhlamvana.
Leyo ncwadi kuthiwa inkosi yayishiya kuMnuz Bongumusa Zulu okuqinisekisile kwiSolezwe ukuthi nebala leyo ncwadi inkosi yayibhala yayishiya kuyena. Uthe inkosi kuleyo ncwadi yayigunyaza ukuba inkosi esesihlalweni manje kube iyona eyengamela isizwe uma seyikhotheme.
Kuthiwa incwadi efanayo inkosi yaphinde yayibhala yayishiya kummeli ngeshwa osewalala kobandayo.
Lolu hlangothi luthe inkosi eyakhothama yayingeke ibeke indodana endala ekubeni kwaba khona ukungaboni ngaso linye phakathi kwabo.
Lokhu lolu hlangothi luthi kwadalwa wukuthi indodana endala yazama ukulala nomunye wamakhosikazi enkosi eyakhothama.
Inkosi yalile ukukhuluma yathi akukho engakusho okwamanje ngalolu daba. Ngaphakathi enkantolo ummeli wohlangothi lwendodana endala, u-Advocate Michael Naidoo kuningi athe ufuna ukuba kubhekisiswe mayelana naleli cala.
Icala liyobuyela enkantolo efanayo ngo-Ephreli 21.
Related Topics: