Umengameli Cyril Ramaphosa
Image: Phando Jikelo
INGENWA nguhulumeni kazwelonke inkinga yokungawatholi amanzi kwemiphakathi ehlukene, ebhikisha nsuku zaphuma ikhala ngokungaphumi lutho kompompi.
Kuzotshalwa izigidigidi ukulungisa ingqalasizinda yamanzi kuphinde kuthathelwe izinyathelo ezinqala, omasipala kanjalo nabaphathi bemikhandlu abahlulwa umsebenzi wokuhlinzeka abantu ngamanzi.
Lokhu kuvezwe nguMengameli Cyril Ramaphosa izolo ebusuku, ngesikhathi ethula inkulumo abeyibhekise esizweni eCity Hall, eKapa.
URamaphosa uthe kuzotshalwa u-R156 billion ukulungisa ingqalasizinda yamanzi kuleli.
"Inkinga yamanzi ekhona manje idalwa wukunganakwa kwengqalasizinda yamanzi womasipala abahlukene. Abantu bezwa ubuhlungu ngokungawatholi amanzi kompompi. Yingakho sesijube ikomiti elizobhekana ngqo nale nkinga yamanzi, elizobe liholwa yimina," usho kanje.
Uthe bazojuba ongoti kwezamanzi abazobhekana ngqo nale nkinga wathi sebeqalile ukuvulela amacala omasipala abahluleka ukuhlinzeka amanzi.
"Bangu-56 omasipala esibavulele amacala okuhluleka ukuhlinzeka amanzi. Sesinqume ukuthi sesizovulela icala nabaphathi bemikhandlu, abahlulwa umsebenzi wokuqinisekisa ukuthi umphakathi uthola amanzi," usho kanje.
Komasipala abakhulu abangamaMetro, uthe bazotshala enye imali engu-R54 billion, yokulungisa ingqalasizinda yamanzi okubalwa amapayipi, kanjalo nengqalasizinda kagesi.
URamaphosa ukhale ngokuthi omasipala bajuba abantu abangenamava ngezithinta amanzi kunokuthi kujutshwe ongoti.
"Sifuna ukuqeda ngokuthi kufakwe abantu abangazi lutho ngezithinta amanzi. Asisakwazi ukusonga izandla silinde omasipala bazilungisele le nkinga yamanzi yingakho singenelela," usho kanje.
Muva nje kunemibhikisho ezindaweni ezehlukene ngezinkinga zamanzi kuleli.
URamaphosa umemezele nokuthi kuzogxilwa empini yokulwa nobugebengu, kusetshenziswa ubuchwepheshe besimanje.
"Sizojuba amasosha ezindaweni ezihlaselwe wubugebengu bamagenge, eWestern Cape. Sizojuba amasosha naseGoli, lapho kuzoliwa nenkinga yamaZamaZama. Ngiyalele uNgqongqoshe wamaPhoyisa ukuthi bakhe uhlelo noMbutho wezokuVikela ukulwa nalezi zinselelo esibhekene nazo."
Uveze nokuthi kuzokwandiswa isibalo samaphoyisa ukulwa nobugebengu obuhleliwe kuleli.
"Sizoqasha amaphoyisa angu-5 500, azokwengeza esibalweni samaphoyisa angu-20 000, esamemezela ukuthi sizowengeza. Sibhekene ngqo nempi yobugebengu kuleli. Sizobheka nempilo ephilwa izikhulu zamaphoyisa, ukulwa nenkohlakalo."
Ukhale ngenkinga yophuzo oludakayo kuleli wathi baneziphakamiso abazenzayo ukuze kuliwe nalesi sihlava.
"Sibheka izindlela zokunqanda ukukhangiswa kophuzo oludakayo."
Uthe isibonelelo sabangasebenzi kuleli, sizoqhubeka nangomuso ukuze siqhubeke nokutakula abahlwempu.
"Imali yesibonelelo ithenga ukudla iphinde isebenze ekutheni abantu bagibele. Yingakho lesi sibonelelo sisibuyekeza ukuze siqhubeke nokweseka abahlwempu."
Uveze ukuthi bazojova imfuyo engu-14 million, ukuyivikela esifweni samatele njengoba kuzothengwa imijovo engu-28 million.
Kwezemfundo, uthe bazovula amathuba entsheni ukuthi ikwazi ukungena ezikhungweni zemfundo ephakeme.
"Ngiyalele uNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme ukuthi asebenzisane nozakwabo kwezeziMali, ukuqhamuka nesiphakamiso sokuthi kwandiswe amanyuvesi namakolishi ama-TVET."
Odabeni lwabokufika abakuleli ngokungemthetho, uthe bazoqinisa imingcele wathi abaqashi abaqashe abangenawo amaphepha okuba kuleli, bazobhekana nomthetho.
"Sizokwandisa nesibalo sabahloli abangu-10 000, abazobheka izinkampani ukuthi aziqashi abangenawo amaphepha."
Uthe ngeke bakuvume ukuchukuluzwa amanye amazwe ngoba elakuleli yizwe elinemithetho.
Uqale inkulumo yakhe ngokubala izinto ezenziwe nguhulumeni wokubambisana kwamaqembu, iGNU. Ubale eyokubanjwa ngempumelelo komhlangano wamazwe akwi-G20 nyakenye, eyokwehlisa isikweletu sikahulumeni ngokwehlisa inzalo ekhokhelwa lesi sikweletu, ukuqedwa kwenkinga yokucishwa kukagesi, waphinde wabala neyokukhuliswa komnotho ukuze bakwazi ukubhekana nezidingo zabantu ezifana nokungasebenzi kwentsha.