Izindaba

I-FNB nokusha kwabama-akhawunti estokofela

Simangaliso Ntshangase|Published

KUSUKELA kwesokunxele wuNkk Slindile Khanyile weLikhanyile Group, Mnuz Hilmal Parbhoo weFNB, Nksz Nana Vezi wePowerpuff Girls Stokvel, Nksz Busisiwe Skenjana weStokvel Academy, Nksz Lynatia Johnson noMnuz Mfundo Mabaso beFNB

Image: SITHUNYELWE

IBHANGE, iFirst National Bank (FNB), selwethule uhlelo olusha noluzokwenza kube ngcono indlela yokuvula i-akhawunti yestokofela sangaphakathi kuleli bhange, njengoba manje amakhasimende esezokwazi ukuwavula esebenzisa i-app nohlelo lobuchwepheshe.

Lokhu kuhlaluke emcimbini obuwenziwe yi-FNB eMega City, eMlaza, lapho okuvele khona ukuthi sekuzoba lula emakhasimende ukwenza lokhu njengoba esikhathini esiphambilini bekudingeka ukuthi aziyele ebhange mathupha ukuze asizakale.

Isikhulu esiphezulu sophiko olubhekele ukutshala imali eFNB, uMnuz Hilmal Parbhoo, sithe lokhu kusho lukhulu kubona, futhi kuyisinyathelo esimqoka nesizoba wusizo kakhulu emakhasimendeni abo afuna ukuvula nokusebenzisa lolu hlobo lwe-akhawunti.

“Lokhu kuzokwenza ukuthi kube lula emakhasimendeni ethu ukusebenzisa nokulawula lama akhawunti ngokwawo ngaphandle kokudinga ukuthi aze avakashele ebhange ngqo ukuze asizakale kwasuke efuna ukukwenza ngawo,” kusho uParbhoo.

Isikhulu esiphezulu sophiko olubhekele izikhalo nezidingo zamakhasimende eFNB, uNksz Lynatia Johnson, sithe banqume ukuqala lolu hlelo ngenhlso yokusiza amakhasimende abo asezindaweni zasemakhaya, obekuvame ukuba yinkinga kuwona ukuzifikela mathupha ebhange.

“Lesi yisixazululo esizoba wusizo kakhulu ebantwini, kanti futhi sizobe sisabasiza nalabo abafuna ukuzizela mathupha ebhange, kodwa nje sijabulela ukuthi lelo nalelo khasimende lizozikhethela ngokwalo ukuthi lifuna ukusizakala kanjani kulokhu,” kusho uNksz Johnson.

UParbhoo uthe lolu hlelo balwenze ngesikhathi esihle impela njengoba kusuka ngoJanuwari kuya kuMashi kuyilapho amakhasimende amaningi enza khona kakhulu lolu hlobo lwama-akhawunti ngenhloso yokuzijwayeza ukubeka nokonga imali.

Ukuvula lolu hlelo lwe-akhawunti ngobuchwepheshe u-download i-app yaseFNB noma ungene kwi-website yabo ethi: www.fnb.co.za