U-LIEUTENANT General Nhlanhla Mkhwanazi ubize umhlangano ophuthumayo nezikhulu zamaphoyisa esifundazweni
Image: SAPS
ABAPHATHI bamaphoyisa KwaZulu-Natal, beholwa nguKhomishana wesifundazwe, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, bamatasa nohlelo lokubuyekeza umsebenzi wekota esikhungweni se-SAPS Academy, eChatsworth.
Kulo mhlangano onamuhla (ngoLwesithathu) kumenywe zonke izikhulu okubalwa kuzo amaPhini kakhomishana, okhomishana bezifunda, izinhloko zezinhlaka zesifundazwe nezikazwelonke, abaseshi nabaxhumanisi be-visible policing, abaphathi beziteshi zamaphoyisa, nabamagatsha nezinhloko zemisebenzi, bonke bamenyiwe ukuba babike ngokusebenza kwabo.
Lo mhlangano uhlose ukuhlola ukusebenza kwamaphoyisa esifundazweni, kubhekwe amaphutha nokuqhamuka namasu okuthuthukisa indlela yokusebenza. Kuzophinde kuxoxwe ngemikhuba emihle evela kwezinye iziteshi ukuze iziteshi ezingaqhubi kahle zikwazi ukuzisebenzisa. Konke lokhu kwenzelwa ukuthuthukisa ukulethwa kwezinsiza ngokuqoqwa kobuhlakani obusebenzayo.