INkantolo eNkulu yasePitoli isicithile isicelo sikaThabo Bester sokuphikisa ukuhanjiswa ejele laseKokstad
Image: Oupa Mokoena / Independent Newspapers
INkantolo eNkulu yasePitoli iyichithile imizamo kaThabo Bester yokususwa esikhungweni iBongweni Super Maximum Correctional.
UBester ufake isicelo esiphuthumayo ephikisana nokudluliselwa kwakhe ejele laseKokstad, ethi ukubekwa kwakhe kuleli jele kukhinyabeza kakhulu ukuzivikela kwakhe.
Ummeli kaBester, uMoafrika wa Maila, uthe ukususwa ejele iKgosi Mampuru sekudale “ukuhlupheka” kwethimba lakhe lezomthetho. Njengoba sekusele inyanga eyodwa ngaphambi kokuthi kuqale ukuqulwa kwecala lakhe lokweqa esikhungweni sokuhlunyeleliswa kwezimilo eMangaung, uMaila ukhale ngokuthi leli banga lenza ukusebenzisana noBester kube nzima kakhulu.
IJaji uMamoloko Kubushi lisichithile isicelo sikaBester, linqume ukuthi lolu daba aluhlangabezani nezidingo zohlu oluphuthumayo.