Izindaba

Bavume eyokweqiwa yintukuthelo abakwaMkhwanazi becela uxolo eSilweni

Nkosikhona Cele|Published

ABAKHWANAZI ngesikhathi sekuyoqala umhlangano omkhulu wokubhunga ngokukhumelana umlotha

Image: SITHUNYELWE

ISIZWE sakwaMkhwanazi sizifanise nengane edlebelekile yachachaza ekhanda likayise ngesikhathi sihambele esigodlweni seSilo eMashobeni, oPhongolo, ngoMsombuluko.

Inhlosongqangi yalo mhlangano bekuwukuthi abakwaMkhwanazi bafongqe isigqoko bacele uxolo ngomsindo owabheduka kubangwa ukubekwa kweSo leSilo esizweni sabo.

UNdunankulu wesizwe sakwaMkhwanazi, uMntwana uNtuthuko Mkhwanazi, uthe bayavuma ukuthi bathatha ngenhliziyo bakhuluma baze beqisa ngesikhathi kusuka lolu dungunyane.

Uthe kwakungamele bakuvumele lokho ukuba kwenzeke noma ngabe izinhliziyo zabo zazihluthuke kangakanani.

KWESOBUNXELE, yiNkosi yesizwe uNtokozo Mkhwanazi, ebhunga okuthile noMntwana uThulani Zulu ngaphambi kokuba kuqale umhlangano

Image: SITHUNYELWE

''Kwaba khona ukukhuluma esakukhuluma ngemuva kokukhuluma okwashiwo yiMbube ngokuthi kukhona ingxenye ethile yesizwe sethu esizoba neso lomnuzane thizeni. Lokho akuzange kusenelise, sakhuluma saze seqisa. Uma-ke uyingane ukhulume waze weqise kuyihlo, kumele kube nendlela yokukhombisa ukuzisola,'' usho kanjena.

Uvumile ukuthi ngalokhu abakwenza babemane behlulwa yintukuthelo nje.

"Akekho lapha kwaZulu ongangeSilo, kwakungamele sikhulume ngaleya ndlela. Noma sikhala kwakumele kube ukuthi sikhala siya kubaba kodwa thina samane senza iphutha elikhulu, sakhala njengezimpangele, sakhala saqonda esihlahleni," kusho yena.

Uthe bafikile eSilweni ngenhloso yokukhombisa okukhulu ukuzisola ngemuva kokuba bekuqaphelile ukuthi bagcina sebenza okungafanele.

"Sihlale sahlala inkosi yesizwe yasiqoqa yathi masize sizozilahla. Bayede, sizozilahla ngoba vele kusekhaya lethu lapha," usho kanjena.

Uthe bathakasile kakhulu ukuthi bahambe kahle bemukelwa esigodlweni.

"Sijabule ukuthi sifikile sazolungisa lokhu obekumele sikulungise lapha namhlanje. Lokhu kusho lukhulu kabi kuthina njengesizwe sabaKhwanazi," usho kanjena.

UMntwana uThulani Zulu uthe bayakwamukelwa ukuxolisa kwesizwe sabaKhwanazi.

"Kwaba khona ukukhuluma okungekuhle okwakuvela kubaKhwanazi. Maningi kakhulu amagama angemahle ayevela KwaMpukunyoni ebhekiswe eSilweni. Kwakungafanele bakhombise ukungahloniphi ngoba lokho akuzange kunambithisiseke kahle," kusho yena.

Uthe yonke imizi inabo abantu abaphuma eceleni, wathi yingakho belwamukela uxolo oluvela kwabakwaMkhwanazi.

''Siyazi sonke ukuthi udadewabo weSilo saKwaNodwengu, uNtikili, uyena owadla umuzi waKwaMpukunyoni wase ezala amakhosi khona. Sithi makube kuhle kube nokuthula. Siyajabula ukuthi abakwaMkhwanazi baligezile igama labo namhlanje," usho kanje.

Uthe kakade vele Inkosi yabaKhwanazi iphethe egameni leNgonyama isizwe sabaKhwanazi.

Eqhuba lokhu, uthe kuzokuba yisibonelo sokuthi lapho okukhona khona abantu abagcwanekayo bagcina bebuya bezocela uxolo. AbakwaMkhwanazi bashiye amaguqa amane njengophawu lokucela uxolo.

AbakwaMkhwanazi bafike ekuseni, bahlale isikhathi eside. Ngokuhamba kosuku ngezithuba zehora lesihlanu, ziphume zilandelana izimoto zonke ebezisegcekeni ziya ngemuva okuyilapho okuthiwa bekukhona iSilo khona.

AbakwaMkhwanazi bebekade beholwa yiNkosi yesizwe uNtokozo Mkhwanazi.