Umjondolo obekuhleli kuwo abasolwa ababulawe amaphoyisa eMatikwe, eNanda
Image: SAPS
BATHUNYELWE kwagoqanyawo abasolwa abane okuthiwa bebefunelwa amacala amaningi okubalwa kuwo okubulala, ukuzama ukubulala nokugebenga.
Laba basolwa batholwe emjondolo oseMatikwe, eNanda, ngoLwesibili ebusuku.
Ngokwesitatimende samaphoyisa, alandele umkhondo wabasolwa obaholele kulo mjondolo onamagumbi amabili. "Amaphoyisa athe efika kwaqala uthuthuva lokudubulana phakathi kwawo nabasolwa. Ngeshwa abasolwa abane badutshulwe bafa,' kusho uColonel Robert Netshiunda okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal.
Kutholakale izibhamu ezine nenqwaba yezinhlamvu. Awekho amaphoyisa alimele.