Paul Mashatile
Image: Itumeleng English/Independent Newspapers
IPHINI likaMengameli wezwe, uMnuz Paul Mashatile, lithi abasabuthi quthu ubuthongo kuhulumeni ngoba bakhathazekile ngesibalo esiphezulu sentsha engasebenzi kuleli.
UMashatile uthe zikhona izinhlelo zokulungisa le nkinga njengoba kukhona nezenziwa wuphiko olweseka intsha kwezamabhizinisi, i-NYDA.
"Iyasikhathaza indaba yabantu abangasebenzi, ikakhulu intsha okuyiyona enesibalo esiphezulu sabangasebenzi. Zikhona izinhlelo zokuzama ukusiza intsha sisebenzisana ne-NYDA," usho kanje.
Ukusho lokhu, ekhuluma nentsha emcimbini yokuyazisa ngezinhlelo zikahulumeni zokuyifukula eKhayelitsha, eKapa, njengoba kulungiselelwa inkulumo kaMengameli ebhekiswe ezweni.
Okuvelile kulo mcimbi ukuthi intsha eneziqu ayikwazi ukuqasheka ngenxa yokuthi kuthiwa ifunde kakhulu.
Intsha ikhale ngokunqaba kwamathuba emisebenzi, yathi yinto uhulumeni okudingeka ayisukumele ngokushesha.
UNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli, uNkk Sindy Chikunga, ukhale ngokuthi intsha eneziqu isala ngaphandle uma kumele iqashwe ezikhundleni eziphezulu kuhulumeni.
"Uthola ukuthi intsha eneziqu ze-masters ize iqambe amanga uma ifaka izicelo ingazivezi lezi ziqu ngoba kuthiwa ifunde kakhulu, bese ingaqashwa. Uma ifaka izicelo zemisebenzi edinga i-masters, kuthiwa ayinaso isipiliyoni esidingekayo. Yingakho sifuna iqedwe eyokufunwa isipiliyoni kwabanama-masters uma befaka izicelo zomsebenzi kuhulumeni," usho kanje.
Kuhlukene imibono ngokulindwe kule nkulumo kaMnuz Cyril Ramaphosa azoyethula kusasa, eKapa, njengoba kukhona abathi ababheke lutho kuyona ngoba kuzophindwa izethembiso asebeke bazizwa.
Inhlangano yomasipala i-South African Local Government Association (SALGA), ithe ilindele ukuthi igqame eyokufukulwa komasipala.
"Sifuna kubhekelwe indaba yengqalasizinda komasipala, ukuncipha kwesabelomali okunqinda ukuhanjiswa kwezidingo, ukulungiswa kwemigwaqo, ukuhlinzekwa kukagesi namanzi kubantu. Abantu bafuna ukubona umehluko ikakhulu njengoba kubhekwe okhethweni lohulumeni basekhaya."
I-DA ithe ilindele ukuthi igqame eyokonga imali kuhulumeni ngokuthi ayeke ukuqasha amabhilidi kodwa kusetshenziswe akahulumeni.
"Sifuna ivele eyokuvuselelwa kwamadolobha, kulungiswe izinkambi zamasosha kuphinde kwakhiwe amathuba emisebenzi."
Umholi we-BOSA, uDkt Mmusi Maimane, uthe abalindele ukuphindwa kwezethembiso ezindala ngoba abantu sebekhathele izinto ezingenzeki.
I-Board of Healthcare Funders (BHF) ilindele eyezinguquko emkhakheni wezempilo, ikakhulu njengoba kunabaphikisana neyomshwalense wezempilo kuleli, i-National Health Insurance Act.
Inhlangano i-Organisation Undoing Tax Abuse (OUTA), ithe ayilindele lutho kule nkulumo ngoba ngeke ize nezixazululo ezinkingeni ezibhekene nezwe.
"Silindele inkulumo nje engathi shu ngoba izinkinga zezwe zibhokile kodwa akwenziwa lutho ngazo. Awukho umehluko obonakalayo ekubeni minyaka yonke kuchithwa enkulu imali ngale nkulumo engezi namnyakazo."
Related Topics: