Izindaba

Usaba ukubulawa ongase avume icala lokudubula uDJ Warras

Fanelesibonge Bengu|Published

U-ARMINDO Joaquim Pacula osolwa ngokudubula abulale uDJ Warras ngoDisemba

Image: Itumeleng English/Independent Newspapers

UKHALE ngokusaba ukubulawa ejele ngesikhathi evele eNkantolo yeMantshi eGoli, izolo, umsolwa wesibili okuthiwa angase avume icala lokubulala uDJ Warras ngoDisemba.

Umsolwa uMnuz Armindo Joaquim Pacula (25) odabuka eMozambique, uboshwe emikhukhwini yaseMarathon, ePrimrose, emasontweni amabili edlule.

Uthweswe amacala okubulala nokwephula imithetho elawula abakwamanye amazwe eNingizimu Afrika.

U-DJ Warras wadutshulwa wafa esenkabeni yeGoli, ngaphandle kwamafulethi, iZambesi, inkampani yakhe eyayithole umsebenzi wokuwaqapha.

Ngesonto eledlule ngesikhathi ebingelela imantshi, kwavela ukuthi uPacula ufuna ukufaka isicelo sebheyili.

Inkantolo yahlehlisa icala ukuze kuzoqinisekiswa ikheli nokuthi amaphepha akhe okuba kuleli aqondile.

Nokho, izolo uveze ukuthi ngeke esasifaka isicelo sebheyili kulandela ukuvezwa wumshushisi ukuthi ikheli athi uhlala kulo akuficwanga muntu kulo futhi ipasi lakhe ngelaseMozambique, ngakho ukuleli ngokungemthetho.

Uyalele ummeli wakhe ukuthi amcelele ukuthi angabe esabuyiselwa ejele iSun City (Johannesburg Correctional Centre), kunalokho ayiswe kunoma yiliphi elinye.

"Ngokwakhe, ungitshele ukuthi kunabantu ababulala umngani wakhe manje uyasaba ukuthi angase abulawe uma eboshwe eJohannesburg Correctional Services," kusho ummeli.

Ummeli uthe kunamathuba okuthi umsolwa alivume icala. Umshushisi uthe bese kwenziwe uhlelo lokuthi agcinwe ejele iModderbee, eBenoni.

Icala lihlehliselwe uFebhuwari 11, lapho kulindeleke ukuthi uPacula avele khona nomsolwa owaboshwa kuqala, uVictor Majola.

I-SABC yabika ukuthi uPacula uyena osolwa ngokuba wumdubuli. Yathi imithombo yayo yayitshela ukuthi kwakhishwa u-R25 000 wokubulala uWarras, uPacula wathola u-R7 000.

U-WARRICK Stock, obedume ngelikaDJ Warras, obulawe ngoDisemba

Image: Instagram