Izindaba

Ubuyela esitokisini umholi webandla oncishwe ibheyili

Nonkululeko Nhlapo|Published

Umholi we-IPHC Michael Sandlana

Image: Sigciniwe

INKANTOLO eNkulu yasePitoli isichithile isicelo sokubuyekezwa kwesinqumo sebheyili somholi we-International Pentecost Holiness Church, uBhekumuzi Mike Sandlana (64). Lesi sikhalo silandela isicelo sikaSandlana sebheyili esingaphumelelanga, esachithwa yiPretoria Specialised Commercial Crimes Court ngomhla ka-22 Disemba 2025. USandlana ubhekene namacala angu-19 enkohlakalo.

Kusolwa ukuthi phakathi kuka-2021 no-2022, uSandlana wakhokha imali elinganiselwa ku-R2.4 million kuma-akhawunti ahlukene asebhange ukuze kusizakale iJaji uPhahlane, ngenhloso yokuthi engamele udaba lwakhe oluqhubekayo eNkantolo eNkulu futhi akhiphe isinqumo esivuna yena.

Esicelweni sakhe sebheyili, uSandlana uthe imantshi yenza iphutha ngokuthola ukuthi wehlulekile ukwanelisa inkantolo ukuthi ubulungiswa buvumela ukuthi adedelwe ngebheyili. Ithimba lakhe labameli liveze ukuthi ukutholakala kwakhe nomazisi abaningi kwabangelwa yimizamo yokulungisa amaphutha enziwa umnyango okwakufanelwe alungiswe. Baphinde bathi uSandlana akayona ingozi yokubaleka, beveza ukuthi isonto lakhe, linobunikazi bezindawo eziningi kanye nobudlelwano obuqinile neNingizimu Afrika.

Kodwa-ke, abashushisi bombuso uPhumla Dwane noWillem van Zyl basiphikisa isicelo sakhe, bethi uSandlana uzibeka engcupheni yokundiza ngenxa yokuba nomazisi abaningi kanye nokukwazi kwakhe ukuhamba ngaphandle kwezwe ngaphandle kokusebenzisa ipasi. Baphinde bathi uSandlana kusolwa ukuthi wawenza amacala ngesikhathi engaphandle ngebheyili kwelinye icala elisenkantolo yeMantshi yasePitoli.

INkantolo eNkulu yavumelana nezethulo zoMbuso futhi yathola ukuthi uSandlana wehlulekile ukwanelisa inkantolo ukuthi ukukhululwa kwakhe ngebheyili kwakuzozuzisa ubulungisa. Ngenxa yalokho, isicelo sebheyili siphinde sachithwa.

Icala elithinta uSandlana nabasolwa abane lizobuyela eNkantolo yamaCala akhethekile ezohwebo ePitoli mhla ka-6 Mashi 2026.