Kuyaphenywa ngowesilisa obulale umkakhe wasezibulala naye
Image: Ayanda Ndamane/ Independent Media
AMAPHOYISA aseLimpopo aphenya amacala okubulala ngemuva kokuba indoda eneminyaka engu-54 idubule yabulala unkosikazi wayo, 27, yazidubula nayo ngaseTwin City Mall, eBurgersfort, ngeSonto, 8 Febhuwari 2026.
Amaphoyisa abizelwe kule ndawo ngabo-13.54 ku-Dirk Winterbach Street, eduze kwaseTwin City Mall.
Ngesikhathi amaphoyisa efika afice indoda nonkosikazi bedindilize ephaseji benamanxeba okudutshulwa.
Zombili izisulu ziphuthunyiswe esibhedlela sendawo, nokuyilapho okuqinisekiswe khona ukuthi zishonile ngenxa yokulimala kwazo.
Ngokwe-video ezungeza ezinkundleni zokuxhumana, kubonakala owesifazane emi eduze komgwaqo u-Dirk Winterbach bese kuma imoto i-Audi eluhlaza okwesibhakabhaka enezinombolo zaseGauteng eduze kwakhe. Kubonakala umshayeli ephuma emotweni, eqonda kowesifazane emdubula, maqede wazidubula naye.
Imbangela yalesi sehlo ayikaziwa okwamanje, kodwa kusolwa udlame lwasekhaya.