Kuxwayiswa izitshudeni ngo-sugar daddy
Image: Sigciniwe
KUXWAYISWA izitshudeni ezifikayo ezikhungweni zemfundo ephakeme ukuthi ziqaphe o-sugar daddy abazoziheha ngemali nangezipho.
Lesi sexwayiso sikhishwe nguMphathiswa wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNksz Nomagugu Simelane, njengoba kuqala ukufunda ezikhungweni ezehlukene.
Ekhuluma ohlelweni lwamasonto onke oMnyango, uNksz Simelane uthe amadoda amadala alobizela izingane ezincane, afuna ukuba sebudlelwaneni nazo.
Uthe aziheha ngokuzinika izipho ezifana nomakhalekhukhwini, ukuzithengela izinwele ezixhunywayo, utshwala nezinye izipho.
"Izingane zethu kumele ziqaphele amadoda amadala aziheha ngalezi zinto. Kunomthelela ongemuhle ngakwezempilo ukuzibandakanya nabantu abadala," usho kanje.
Uthe amadoda amadala awapheze ukufuna izingane ezincane.
"Indoda eneminyaka engu-27 kuya ku-30, akumele ijole nengane eneminyaka engu-18 no-19. La madoda kumele ajole nontanga bawo."
Uthe lokhu kubeka intsha engcupheni yokusuleleka nge-HIV ngoba abantu abadala basuke sebehlakule indima enkulu ngakwezocansi.
"Sixwayisa nangokuzibandakanya nocansi olungaphephile ukuthi kungaholela ekukhulelweni. Lokhu kungenza ukuthi ugcine usulaxaza nezifundo," usho kanje.
"Amantombazane aneminyaka engu-15 kuya ku-24, asengozini yokusuleleka nge-HIV. Yingakho sinxusa ukuthi azivikele uma eya ocansini aphinde athathe nemishanguzo yokuzivikela."
Umemezele ukuthi maduzane bazodalula izikhungo lapho kuzotholakala khona umshanguzo iLenacapavir, wokuvikela ukusuleleka nge-HIV kwabangakahaqwa yileli gciwane.
"Lo mshanguzo uzobe uthathwa kabili ngonyaka. Uyingxenye yezinhlelo zokuvikela abantu abasha abangakasuleleki nge-HIV."
Uxwayise intsha ukuthi igxile ezifundweni, ingajahi izinto ezingeke ziyiyise ndawo.
"Abanye ubathola sebedayisa ngomzimba ngoba bejahe izinto ezibizayo. Ngizwa kuthiwa nabafana bayadayisa ngomzimba," kusho uNksz Simelane.
Uthe nalabo abaqalayo ezikhungweni abekho esimweni sokuthi balethe izingane emhlabeni.
"Sinxusa nalabo abazithibayo, nalabo abasemsulwa ukuthi baqhubeke bazigcine. Abaqhubeke nokuhlolwa baze bakulungele ukuzibandakanya nezocansi. Kodwa okubalulekile ngukuthi akugxilwe ezincwadini."
Uthe izikhungo eziningi zinayo imitholampilo kanti nasemphakathini jikelele ikhona.
"Sinama-condom amahhala okuzivikela. Kunezinye zezinto zokuzivikela emitholampilo, nazo ezitholakala mahhala."
Nomfowabo weSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini, uMntwana uNhlanganiso kaZwelithini, unxuse amadoda amadala ukuba ayeke umkhuba wokulala nezingane ezincane.
UMntwana uNhlanganiso uthe amadoda amadala azitika ngocansi nezingane ezincane abulala ikusasa lentsha.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma ePhalamende lamadoda ebelisingethwe esiShayamthetho KwaZulu-Natal ngeledlule.
"Yekelani izingane ezincane. Le ndaba yabantu abadala abalala nezingane kulesi sikhathi, ayiphele. Yekelani izingane kwezinye izingane. Tholani ontangabenu!"
Related Topics: