Izindaba

Imindeni yabafi ibonga owaqopha i-video 'bebulawa amaphoyisa'

Zimbili Vilakazi|Published

OWABULAWA uMnuz Nhlakanipho Ntuli

Image: Isithombe: Sithunyelwe

IMINDENI ibonga ayiphezi kumuntu owaqopha i-video yabane ngesikhathi besaphila, belaliswe phansi ngamaphoyisa, abagcina ngokubabulawa emgwaqweni uDumisani Makhaye, KwaMashu, ngoMashi nyakenye. 

Lokhu kuza emva kokuba abe-Independent Police Investigative Directorate (Ipid) sebeveze ukuthi iwathole enecala ophenyweni lwayo amaphoyisa adubula babulala abane kulesi sigameko esenzeka ngoMashi 20, 2025. 

Kusona kwafa uMnuz Nathi Biyela (40) isihlobo sakhe uMnuz Nicolas Biyela (41), Mnuz Sanele Ntuli (25) isihlobo sakhe uMnuz Nhlakanipho Ntuli (31).

OWABULAWA uMnuz Nathi Biyela

Image: Isithombe: Sithunyelwe

Okhulumela i-Ipid, uPhaladi Shuping, uchaze kafishane ukuthi sebelidlulisele ehhovisi lomqondisi wezokuShushiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, idokodo ukuze athathe isinqumo. 

“I-Ipid izokwazi ukuphawula kahle ngodaba uma isitholile ngesinqumo,” kusho uShuping. 

Emva kwesigameko, amaphoyisa athumela isitatimende esasithi abafi babesolwa ngamacala okuphanga, ukubulala nokufuna imali yokuvikela ngodli.

Sasiqhuba sithi, ababulawa bavulela ngenhlamvu ngesikhathi bebona amaphoyisa, nawo aphoqeleka ukuthi abuyisele ngayo, kwase kusala bona enkundleni. 

Isihlobo esicele ukungadalulwa sithe beyimindeni yababulawa, babuye babone sengathi abambongi ngokwanele umuntu owaqopha i-video.

“Simbonga kakhulu ngoba uye owasilekelela ekutheni libonakale iqiniso lokuthi akukho akwakushiwo ngamaphoyisa uma ethi badubule kuqala,” kusho isihlobo.

Emva kokusabalala kwale video, kwasala imibuzo ngesitatimende samaphoyisa, abantu befuna izimpendulo zokuthi kwenzeke kanjani ukuthi kuthiwe abafi badubule kuqala, kube kukhona i-video ekhombisa ukuthi bawulalela umyalelo wamaphoyisa, wokumisa imoto ababehamba ngayo, behla, baze balala naphansi. 

Uthe bathola ukuthi yize lona owathatha i-video wayengazi ukuthi obani laba abalaliswe phansi ngamaphoyisa ngaleso sikhathi, wathola emva kwendaba ukuthi abadutshulwa yize kade sebelaliswe phansi abantu abaziyo.

Uveze ukuthi abe-Ipid babatshele ngoDisemba nyakenye, ukuthi uphenyo lwabo sebeluphothulile.

“Basitshela nokuthi ngesikhathi bephenya bathola nokuthi babengathinteki nakancane emacaleni okubulala, ukubamba inkunzi kanjalo nokufuna ngodli imali yokuvikela, amaphoyisa ayethe basolwa kuwo,” kusho isihlobo.

Isihlobo sithe imindeni isibheke ngabomvu isinqumo somqondisi njengoba isabufuna ubulungiswa ngezihlobo zayo "ezabulawelwa into engekho". 

Sigcizelele eyokuthi babevele beshilo ukuthi ukubulawa kwabo kwakuyamene nezimpi zepolitiki zangaphakathi ehostela KwaMashu.

OWABULAWA uMnuz Sanele Ntuli

Image: Isithombe: Sithunyelwe

“UNhlakanipho nje, wayengusihlalo weCPF, aphinde abe yiPhini likaSihlalo we-IFP ehostela. Izinsolo zokuthi amaphoyisa aze abadubula ngoba ayesenesikhathi ebafuna, bebaleka, zazingamampunge ngoba wayehlala kuyo yonke imihlangano yeqembu neyokulwa nobugebengu esiteshini samaphoyisa KwaMashu. Uma ayezimisele ngokumbopha, ayezomthola kuleyo mihlangano,” usho kanje.

Uthe buqale phansi ubuhlungu uma uphenyo lwe-Ipid lubakhipha phambili ababulawa ngoba kubuye usizi lokuthi babulawelwa into engakho, izingane zabo ezisencane zasala dengwane.