TEBOGO Letsie
Image: Parliament RSA/Supplied
BAHLABE ikhwelo eMnyangweni weMfundo ePhakeme nokuQeqesha, ukuthi usheshise izinhlelo zokuqalwa kwezifundo ezintsha, emakolishi amaTechnical and Vocational Education and Training (TVET).
Lokhu kushiwo nguSihlalo weKomiti leMfundo ePhakeme ePhalamende, uMnuz Tebogo Letsie, njengoba kunomkhankaso wokuthi kushintshwe izifundo ezingathi shu kulezi zikhungo, kufakwe ezihambisana nomnotho nesimo samanje.
Umnyango usemkhankasweni wokuqeda ngezifundo i-N4 kuya ku-N6.
"Asikwazi ukuchitha imali ezinhlelweni ezingathi shu, ezingasizi ngalutho uma kuza emnothweni wezwe okudingeka ukhule. Kunezinhlelo ezingasadingeki, ezenza intsha ingayitholi imisebenzi," usho kanje.
Ukhale ngokuthi kulawa makolishi, kugcwele kakhulu emikhakheni yokusebenza emahhovisi.
"Kugcwele emkhakheni i-marketing odinga ukuthi uqedwe ngokushesha. Uma sivakashele amakolishi, sihlangabezana nenkinga yokugcwala kule mikhakha engathi shu," usho kanje.
Uthe bakuthatha njengokusetshenziswa kwemali budedengu uma kuqhutshekwa nemikhakha engathi shu.
"Kumele kube nokusebenzisana phakathi komnyango, nesikhwama esixhasa ngemali yokufunda iNational Student Financial Aid Scheme, ukuze amakolishi enzise imikhakha edingwa abaqashi. Uma kunobudlelwano nabaqashi, kuzokwaziwa ukuthi yikuphi abakulindele ngezitshudeni eziqeqeshwa emakolishi."
Imikhakha emisha ezofundwa nedingeka kakhulu kuleli kubalwa i-Electrician, Plumber, Auto Mechanic, Boiler Maker, Welder, Millwright, Mechanical Fitter, Tooling Machinist, Pipe-Fitter, Rigger.
Kwezithinta amabhizinisi kuzofundwa i-Office Administration, Management Assistant, Human Resource Officer, Sales Representative, Retail Chain Store Manager, Retail Buyer, Supply Chain Practitioner.
Kwezokuphepha kuzofundwa i-Safety, Health and Environment Practitioner, Occupational Health and Safety Officer, Early Childhood Development Practitioner, Basic Counselling Skills, Social Auxiliary Work nokunye.
Eminye ezofundwa ethinta izimboni kubalwa i-Crane or Hoist Operator, Loader Operator, Dump Truck Operator, Mining Technician (Surveyor/Strata Control), Chemical Plant Operator, Gas Practitioner.
Related Topics: