Cyril Ramaphosa
Image: Itumeleng English/Independent Newspapers
UKUSHODA kwemisebenzi, ububha obusahlasele eNingizimu Afrika, ubugebengu nenkohlakalo edla lubi, ngezinye zezinto ezibhekwe ngabomvu, enkulumweni kaMengameli Cyril Ramaphosa, ayibhekise esizweni.
Lokhu kuvezwe nguMnuz Matthew Parks womfelandawonye wezinyunyana zabasebenzi iCosatu, njengoba uRamaphosa ezothula le nkulumo ngoLwesine ebusuku, eKapa.
UParks uthe balindele ukuzwa ukuthi uRamaphosa uzothini ngezingqinamba ezibhekene nabasebenzi.
"Sikhathazekile ngezinga eliphezulu labangasebenzi, ukukhula kancane komnotho, ukungalingani, ubugebengu nenkohlakalo. Silindele ukuzwa ukuthi uMengameli uzothini ngalezi zinselelo ezisabhekene nezwe."
Uncome umsebenzi owenziwe yi-ANC, ukuqeda ngenkinga yokucishwa kukagesi kuleli.
"Sifuna ugesi ushibhe ngoba umba eqolo. Sifuna abantu bafakelwe ugesi we-prepaid kuphinde kubhekwane nezikweletu komasipala."
Ukhale ngenkinga yokwehliswa kwesabelomali seminyango kahulumeni okwenza ingakwazi ukusebenza ngendlela.
"Lokhu kwehliswa kwesabelomali kukhubaza ukuhanjiswa izidingo emphakathini. Sifuna kwesekwe ukusebenza kweSARS ukuze lolu phiko luqoqe imali ezokwazi ukuxhasa izinhlelo zikahulumeni."
Uveze ukuthi bafuna kusheshiswe ukuqala komshwalense wezempilo i-National Health Insurance.
"Sifuna kususwe abaholi abakhohlakele komasipala ukuze kuqinisekiswe ukuthi abasebenzi bayawuthola umholo wabo. Ababoshwe abakhohlakele, kuqiniswe ukusebenza kwezinhlaka ezifana nophiko lwezokushushisa kuleli, amaphoyisa kanjalo nezobulungiswa."
Uthe kumele kunyuswe isibonelelo sabangatohozi ukuze seseke abadonsa kanzima.
"Abaqashi kumele baphoqwe ukuthi bakhokhele abasebenzi eyeholo eliphilisayo, i-National Minimum Wage. Sifuna kubuyekezwe nezithinta isinxephezelo sabadiliziwe emsebenzini i-UIF kuphinde kuqine ukusebenza kwe-CCMA ukuvikela abasebenzi abaxhashazwa abaqashi."
UNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli obhekele ukuhlela, uNksz Maropene Ramokgopa, usanda kuveza ukuthi umnotho utshengisa ukusimama muva nje.
Uthe kuningi uhulumeni akwenzela abantu njengoba bengaphezu kuka-19 million abahlomula ngezibonelelo. "Zibalelwa ku-1.3 million izingane ezisezikhungweni ama-early childhood development (ECD). Kunezinhlelo zokulungisa izikole ezinezindlu zangasese eziyimigodi."
Kwezempilo uthe abahaqwe yi-HIV bahlomula ngemishanguzo yokuthithibalisa leli gciwane.
"Kuningi uMengameli azokuveza uma esethula inkulumo ayibhekise esizweni. Indaba yokushoda kwemisebenzi, umnotho nezinye zizoba seqhulwini kule nkulumo."
Related Topics: