UXOLANI Khumalo oyikhansela le-ActionSA Ekurhuleni
Image: Sithunyelwe
IGAMA lekhansela le-ActionSA elidume ngohlelo lwethelevishini iSizok'thola, uXolani Khumalo, lithinteka esigamekweni sokubulawa kowaseNigeria, obesolwa ngokushushumbisa izidakamizwa eWindsor, eGoli, ngeSonto ebusuku.
ISizok'thola wuhlelo lwakuMoja Love oluchaya abadayisa izidakamizwa.
I-ActionSA ikuqinisekisile esitatimendeni ukuthi uKhumalo - obheke ukuvotelwa njengemeya yaseKurhuleni okhethweni lohulumeni basekhaya - ubekhona ngesikhathi kwenzeka isigameko.
Iqembu lithe sekuseyisikhathi eside amaqembu ezidakamizwa ehlukumeza umphakathi ngodlame, ukusabisa nangokungayihloniphi imithetho.
"I-ActionSA izoqhubeka nokweseka yonke imizamo esemthethweni yokuhlakaza lokhu futhi ibhekane ngqo nezigebengu ezigolozayo esezikhululeke zaze zacabanga ukuthi azithinteki."
Ithe ngokwezinhlelo zayo zokulungisa ezinamaphuzu awu-10 Ekurhuleni, ukuphepha nokuqiniswa komthetho kuseqhulwini.
Amaphoyisa kuthiwa aphenya icala lokubulala ngalesi sigameko.
UKhumalo akaqali ukuthinteka esigamekweni okufa kuso umuntu.
Ngo-2023, bathweswa icala lokubulala owayesolwa ngokushushumbisa izidakamizwa, uRobert Varrie, eKatlehong.
Icala uKhumalo ayesolwa kulo lahoxiswa eNkantolo yesiFunda ePalm Ridge ngonyaka odlule.
Related Topics: