UMmapeu Hlanga owalimala kabi ngemuva kokuhlaselwa wumnakwabo uYvonne Maja owamubhunyela nge-acid kubangwa injeza
Image: Sigcinwe
INkantolo yesiFunda yaseMokopane igwebe uYvonne Maja iminyaka engu-18 ngecala lokuzama ukubulala neminyaka emibili ngecala lokuhlasela ngekhemikhali enobungozi.
Lokhu kumayelana necala alenza ehlasela umnakwabo uMmapeu Hlanga nge-acid ngesikhathi kunengxabano ethinta isoka labo uKgotlelelo Phasha, eMogoto Village, eZebediela ngomhla ka-13 Okthoba 2024.
Ngesikhathi kuqulwa icala, kwavela ukuthi ummangalelwa wayethukuthele egane unwabu engafuni ukwaliwa. I-video evezwe wumgilwa enkantolo ibonisa ingxabano eshisayo phakathi kukammangalelwa, umgilwa nesoka labo. Ummangalelwa uzwakala ebasabisa ngokuthi uzosabalalisa izithombe zabo zangasese futhi ezishaya isifuba ngokuthi wenze umgilwa waphelelwa wumsebenzi.
Le video iphinde yaveza ummangalelwa evula isikhwama sakhe sokudla, ethi womiwe futhi ufuna ukuthatha ibhodlela esikhwameni sakhe ayesishiye endlini.
Leli yibhodlela lamanzi le-Tupperware elijwayelekile, lalisetshenziswe njengesitsha se-acid.
Wabe esehamba kancane esondela kumgilwa, sengathi ukhuluma naye, ngaphambi kokumthela nge-acid esebhodleleni.
Ngesikhathi kuqhubeka icala, ummeli kammangalelwa uzame ukubeka isenzo sakhe njengento ayengayihlosile. Nokho, ubufakazi be-video bakhombisa ngokusobala ukuthi konke akwenza wayekuhlelile.
Ngemuva kokucubungula kahle ubufakazi, iMantshi yakhipha isinqumo, yathola ummangalelwa enecala lokuzama ukubulala.