Izindaba

Owohlelo lwamaZayoni nenselelo yokungawasiza athuthuke

Simangaliso Ntshangase|Published

UMETHULI wohlelo lwamaZayoni oluthi ApoZion lakwiSowetoTV, uNksz Nompumelelo Mbhele nenselelo yokungasiza amabandla aseZayoni ukuthuthuka nokuchuma

Image: SITHUNYELWE

UMETHULI wohlelo lomculo wamaZayoni nezingxoxo oluthi ApoZion kwiSoweto TV, uNompumelelo Mbhele, usephosele ubuholi namalungu amabandla amaZayoni ahlukene ezweni ukuthi abeke eceleni ukuncintisana okungenasidingo, bese ebeka eqhulwini ukubambisana nokufunda komunye komunye ukuze ezothuthuka.

UNompumelelo waseThekwini, kodwa osezinze eGoli, uthe kufanele ngabe amabandla amaningi aseZayoni asethuthuke kakhulu manje kodwa abuyela emuva futhi amiswe ndawonye wukuthi awazinaki izinto ezimqoka nezingawasiza ukugqama nokuthuthuka.

“Silinyazwa wukuthi asizihluphi ngolwazi lokuthi singaya kanjani phambili, yingakho ubona umculo wethu nokunye esikwenzayo kungakafiki ezingeni okumele ngabe sesikulona manje, engicabanga ukuthi uma singaqala manje sizihluphe ngokuthi sisekane futhi sisizane ekwenzeni izinto ezinhle, kuningi kakhulu esingakwenza ndawonye.” .

Eqhuba uthe kuningi okungafundiswana khona uma amabandla aseZayoni engazijwayeza ukuqala manje enze izinhlelo zokuhlangana kuzocetshiswana ngolwazi lokuya phambili, bese kuyekwa ukuklwebhana, ukuqhoshelana nokulwa - kubangwa izikhundla nokuphathana.

UMETHULI wohlelo lwamaZayoni oluthi ApoZion lakwiSowetoTV, uNksz Nompumelelo Mbhele nenselelo yokungasiza amabandla aseZayoni ukuthuthuka nokuchuma

Image: SITHUNYELWE

“EZayoni yinqwaba amabandla amadala nahlonishwayo ngokuhle asekwenzile engicabanga ukuthi kuningi okuhle nolwazi olusemqoka abaholi bawo abangakwazi ukukweluleka ngakho labo abeza ngemuva, kuphela nje uma kuzoba yinhlonipho ehamba phambili.” 

Uthe nakuba izinhlelo ezinjenge-Apozion zisiza ukusabalalisa ubuhle bomsebenzi owenziwa ngamabandla aseZayoni, kepha akwanele ngoba kuba ngesikhathi esithile kuphela. Ngakho ziyadingeka ezinye izinhlelo ezizoqondana namaZayoni nje nezizoveza ubuhle bezinto eziye zenzeke khona nezenziwa ngabantu abathile abakhonza emabandleni ahlukene akhona.

“Ngakho mhlawumbe kungasiza nokuthi kube khona ezinye izinhlelo ezizoveza ukuthi iZayoni sezikhule futhi zaphucuzeka kanjani nangakanani, kepha futhi lokho kuyofana nokuthela amanzi emhlane wedada uma kusifica singakabumbani sisodwa.” 

Ngale kokwethula lolu hlelo, uNompumelelo uneziqu zobumeli bese eba wumthungi enkampanini abambisene kuyona nonina iNelly’s Tailoring Studio. Ubuye abe sekhwayeni lamaZayoni elihlanganiswe ngabantu abasha bamabandla ehlukene, Imbewu Yethemba Mass Choir, bese ekhonza ebandleni elingelinye lamadala eZayoni, i-Believers in Christ.