ITENDE okuzobanjelwa kulona impikiswano ngenkulumo ezothulwa nguMengameli Cyril Ramaphosa, ayibhekise ezweni kuleli sonto
Image: Ian Landsberg
ULUNGISWE ngemali ebalelwa ku-R25 million, ubhazabhaza wetende elimelana nezimo ezehlukene zemvelo okubanjelwa kulona imihlangano yePhalamende eKapa.
Leli tende iNieuwmeester Dome, lidluliselwe kuSomlomo wePhalamende, uNkk Thoko Didiza, njengoba kulungiselelwa inkulumo ezothulwa nguMengameli Cyril Ramaphosa, azoyibhekisa ezweni azoyethula ngoLwesine ebusuku.
Emukela leli tende kuNgqongqoshe wezemiSebenzi yoMphakathi, uMnuz Dean Macpherson ngoLwesihlanu, uNkk Didiza uthe besikhona isidingo sokuthi lilungiswe ngoba yilapho kuzobanjelwa khona inkulumo-mpikiswano ngenkulumo kaRamaphosa.
"Leli tende kulindeleke lihlale iminyaka engu-10 kanti lizokwazi ukumumatha amalungu awu-400 ePhalamende nawoMkhandlu weziFundazwe, liphinde lihlalise izivakashi eziwu-165 futhi linezinto zokupholisa. Bekunesidingo sokuthi lilungiswe ukumelana nomoya omkhulu waseKapa," usho kanje.
USOMLOMO wePhalamende, uNkk Thoko Didiza, emcimbini wokwamukela itende eliyiDome, okuzobanjelwa kulona imihlangano yasePhalamende
Image: Ian Landsberg
Uveze ukuthi uRamaphosa uzothula inkulumo ayibhekise esizweni eCity Hall, bese ngesonto elizayo kubanjwe kuleli tende inkulumo-mpikiswano.
Kubanjelwa imihlangano kuleli tende emva kokushiswa kwePhalamende ngo-2022.
UMacpherson uthe ongoti eMnyangweni wakhe basebenza ngamandla ukuqinisekisa ukuthi leli tende lilungela ukubamba imihlangano.
Uthe bekudla u-R1 million ngosuku ukubamba umhlangano wePhalamende eCape Town International Convention Centre (CTICC).
"Sikwazile ukwehlisa imali engabe iyachithwa ukubamba imihlangano yePhalamende. Noma seyakhiwe kabusha ingxenye yePhalamende elashiswa, sizoligcina leli tende ukwenza eminye imicimbi ukuze lenzele uhulumeni inzuzo," usho kanje.
Uthe bazoxoxa nabahlela imicimbi ngeminye imisebenzi nemicimbi engabanjelwa kuleli tende uma iPhalamende liguqile.
"Ziyashoda izindawo zokubamba imicimbi eKapa, yingakho ngixoxa nabakwamasipala ukuze leli tende lisebenze ukubamba eminye imicimbi."
Uthe bekunesidingo ukuthi lilungiswe kahle ngenxa yokuguquka kwesimo sezulu eKapa.
Impikiswano ngenkulumo kaRamaphosa izoba ngoFebhuwari 17 no-18. Uzobe esephendula kule nkulumo mpikiswano ngoFebhuwari 19.
UNkk Didiza uthe bahlele ukusebenzisa u-R7 million ngenkulumo kaRamaphosa. Ngalolu suku kusuke kuhlangane amalungu ePhalamende nawoMkhandlu weziFundazwe. Ingqephu isuke idida unwabu kumalungu alezi zindlu kanjalo nasezimenyweni. Kusuke kukhona namajaji akuleli, kubizwe nababengomengameli bezwe, nababengosomlomo bePhalamende phambilini.
Umbutho wezokuvikela usuke uviliyela.
Related Topics: