Izindaba

Kulungiswa olwezitimela amaloli eqeda abantu emgwaqweni

Zimbili Vilakazi|Published

UNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli, uMphathiswa wezokuThutha uMnuz Sboniso Duma nozakwabo wezeNhlalakahle uNksz Mbali Shinga, behambele umngcwabo wakwaMnyango, obhubhe engozini yomgwaqo ngeledlule

Image: SITHUNYELWE

UNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli noMphathiswa wezokuThutha uMnuz Sboniso Duma, behambele umngcwabo wakwaMnyango, obhubhe engozini yomgwaqo ngeledlule

Image: SITHUNYELWE

ABABHOKISI omndeni wakwaMnyango obhubhe engozini yomgwaqo ngeledlule

Image: SITHUNYELWE

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, uveze eyokuthi luyalungiswa olokusebenza kwezitimela esifundazweni. 

UNtuli usho kanje enkundleni yezemidlalo, iMawombe, KwaMbonambi, izolo, ngesikhathi ekhuluma nezinkumbi zabantu ebezihambele umngcwabo wabayisithupha bomndeni wakwaMnyango, ababhubhe engozini ngeledlule.

Kule ngozi enyantisa igazi ebibandakanya iloli nemoto ebihamba ababhubhile, yenzeke emgwaqweni uN2, uma udlula eManandini, eMtubatuba, ngoJanuwari 30 nonyaka.

Kuyona kushone uMnuz Vuyani Gcaleka (43), uNkk Nokuphakama Mnyango (85), uNksz Nkosingiphile Mnyango (53), uNksz Senamile Buthelezi (29), ingane yentombazane u-Ayanda Mthembu (12) nengane yomfana uLubanzi Buthelezi (5).

Kuvela ukuthi behlelwe yingozi nje, bebesuka ekhaya elikhulu eCinci, KwaMbonambi, belibangise kwelinye eliseMtubatuba, lapho okwakuzoba khona netiye.

UNtuli uthe izinhlelo ngokusebenza kwezitimela, seziqoshiwe phansi futhi zicace bha. Lokhu kuza emva kwesikhalo sesikhathi eside sokuthi ukwanda kwamaloli athutha impahla emigwaqweni, yikho okunomthelela weziphihli zezingozi eziye zidlule nenqwaba yemiphefumulo.

“Sesixoxile noNgqongqoshe wezokuThutha kuzwelonke ukuthi kulo nyaka ozayo kuzobe kwenzekani, kanjalo nalo olandela lowo,” kusho uNtuli.

Uthe usexoxe ngisho nanezimeya ezindaweni ezehlukene maqondana nokulungiswa kojantshi. 

“Sivumelene ngokuthi udaba lwezitimela kufanele lulungiswe ukuze kuncishiswe isiminyaminya emgwaqweni,” usho kanje.

Uqhube wathi okunye abakuhlelayo ukuthi babe nenguyazana nabanikazi bamaloli, ukudingida eyokuqeqeshwa kwabashayeli bawo emqwaqweni. 

“Kofanele sisondele kubanikazi bamaloli, ke-sizungeze itafula, sixoxe nabo ukuthi bangasilekelela kanjani ukuthi baqeqeshe abashayeli babo ukuthi uma bebona enye imoto, bakwazi ukugwema ingozi,” kusho uNtuli. 

Uqhube wathi okubakhathaza kakhulu ngezingozi ezisuke zibandakanya amaloli, ukuthi zidlula nemiphefumulo yabantu abaningi.

Ubuye wathi okunye okufanele kwenziwe ukuthi kuqwashiswe abantu ukuthi uma umuntu engena emgwaqweni, kufanele akhumbule ukuthi uhamba izimoto ezibulalayo.

UNtuli uthe kuyenzeka uthi uzihambela kahle, kuqhamuke enye imoto izongena kuwe. 

Ukhalise umndeni wakwaMnyango, wathi ubuhlungu kakhulu ngokuthi engozini kuhambe nogogo, athe abantu abadala bayizinsika zamakhaya, kuba nzima kwabakhula ogogo bengasekho emhlabeni.