KUZOHOXISWA amasosha akuleli ajutshwe eDRC
Image: SIGCINIWE
UMENGAMELI Cyril Ramaphosa usebhalele uNobhala Jikelele weNhlangano yeZizwe, i-United Nations (UN), uMnuz Antonio Guterres, emazisa ngesinqumo sokuhoxiswa kwamasosha aseDemocratic Republic of Congo.
La masosha afaka isandla ngaphansi kohlelo lwe-UN i-MONUSCO ukuze kube nozinzo kuleliya lizwe. Elakuleli lingamanye lamazwe awu-10, afaka isandla ukuze kube nozinzo eDRC. Abalelwa ku-700 amasosha akuleli ajutshwe eDRC.
Okhulumela uRamaphosa, uMnuz Vincent Magwenya, uthe uMengameli ushayele ucingo uGuterres ngoJanuwari 12, 2026, emazisa ngesinqumo sikahulumeni sokuhoxisa amasosha agcine ukuthula eDRC.
I-MONUSCO yasungulwa yi-UN Security Council ngo-1999, ukusiza ngesikhathi kunesivumelwano sokubeka phansi izikhali, iLusaka Ceasefire.
"Njengoba bekulokhu kuqhubeka udweshu eDRC, kube sekushintshwa sekuvikelwa abantu bakuleliya lizwe, okubalwa nababhekele amalungelo abantu. Elakuleli lizosebenzisana ne-UN, mayelana nokuthi amasosha azohoxiswa nini kanti lokhu kuzokwenzeka ungakapheli lo nyaka."
Uthe uGuterres ubonge kakhulu uRamaphosa ngosizo elakuleli elilihlinzeke eDRC.
"Elakuleli limile ekutheni lizoqhubeka nezingxoxo nezwe iDRC nokweseka izinhlelo zeSouthern African Development Community (SADC), i-African Union (AU), kanjalo ne-UN, zokuletha uzinzo nokuthula eDRC.
Related Topics: