Mathanzima Mweli
Image: SIGCINIWE
KUXWAYISWA abahlela ukuchibiyela u-matric ngoJuni ukuthi bangalinge bakhokhe ukuze babhale ngoba kumahhala.
Lesi sexwayiso sikhishwe wuMnyango weMfundo eyisiSekelo, njengoba namhlanje kuvalwa ukufakwa kwezicelo kwabafuna ukuchibiyela u-matric wabo wanyakenye. Kanjalo nalabo ababhala u-matric omdala, abafuna ukuphucula izifundo zabo, banikwe kuze kube yinamhlanje ukuthi bafake izicelo zokubhala ngenxa yokuthi kuyavalwa.
"Sifuna ukuxwayisa abafuna ukuchibiyela u-matric ngoMeyi/Juni nonyaka ukuthi bangakhokhi mali ngoba kumahhala ukubhala. Izivivinyo ezibhalwayo ezalabo abenza i-Senior Certificate (SC), okuwu-matric omdala, nalabo abenza i-National Senior Certificate (NSC)," kusho umnyango.
Uveze ukuthi ababhala i-SC bangafaka izicelo zokubhala besebenzisa i-website ethi: http://eservices.gov.za, noma baye emahhovisi ezifunda omnyango.
"Labo abazobhala i-NSC, kudingeka baziyele ngqo emahhovisi omnyango bayofaka izicelo. Ababhala i-SC ngeke bakwazi ukubhalisela ukuthi babhale izivivinyo ngoNovemba, kodwa abenza i-NSC bazokwazi ukufaka izicelo zokubhala ngoNovemba nonyaka.
Usuku lokuvala kwabafuna ukubhala ngoNovemba nonyaka, nguMashi 13, 2026.
Abafundi abanikwa ithuba lokuchibiyela izivivinyo ze-NSC, abanezizathu ezibambekayo ezenza bangakwazi ukubhala ngonyaka odlule. Kubhala ababegula ngesikhathi kubhalwa, kanjalo nalabo okwakuvele isifo ngesikhathi kubhalwa.
Kudingeka babe namamaki onyaka abizwa nge-School-Based Assessment (SBA).
Kulabo abachibiyela i-SC, kudingeka kube abantu ababhala u-matric ngaphambi kuka-2008, noma abangawuphothulanga. Kudingeka kube ngabantu abaneminyaka engu-18 kuya ku-21.
Abaya kobhalisa emahhovisi omnyango kudingeka baphathe omazisi kanjalo nesitatimende semiphumela yabo.
Kukhishwa imiphumela ka-matric ngenyanga edlule, uMqondisi jikelele eMnyangweni, uMnuz Mathanzima Mweli, wakhala ngesibalo esincane sabachibiyela u-matric. Wakhala ngenqwaba elovayo kwabasuke bebhalisele ukuchibiyela, abagcina bengafikanga ezikhungweni zokubhala.
Related Topics: