KUBOSHWE inqwaba yabantu ngesikhathi samaholidi
Image: SAPS
BANGU-236 887 ababoshwe amaphoyisa emikhankasweni yawo ehlukene ezweni lonke ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi.
Lokhu kuvezwe uKhomisana wamaPhoyisa kuzwelonke, uGeneral Fannie Masemola, esithangamini sabezindaba eTshidimosetso House ePitoli, ngoLwesihlanu.
UMasemola oncome umsebenzi wokuzikhandla kwamaphoyisa - esebenza ubusuku nemini - uveze ukuthi imikhankaso eminingi iqale ngo-Okthoba nyakenye, yaze yaphothulwa ngenyanga edlule.
“Kusukela ngesikhathi yethulwa le mikhankaso nyakenye, amaphoyisa asebenze ngokuzikhandla, ezama ngakho konke okusemandleni ukuthi avimbe ubugebengu, alwe nabo aphinde abuphenye,” kusho uMasemola.
Uthe lokhu kuholele ekutheni bonke abantu baseNingizimu Afrika, bahambe kahle beya ezindaweni ezehlukene, badumisa, bazijabulisa baphinde benza amabhizinisi bezizwa bephephile ngesikhathi esiye sibe ngesimatasa onyakeni.
Ecacisa ngemikhankaso yabo, uthe ihlanganise ukutshalwa kwamaphoyisa ezindaweni ezingu-7 726, ezineziminyaminya eziphezulu, wathi kuphinde kwaseshwa izakhiwo eziwu-116 434 kanjalo kwaba nezivimbamgwaqo eziwu-4 854 .
“Izindawo zokucima ukoma nazo azisalanga ngaphandle njengoba kubhekwe ezingu-106 715, kwavalwa ezingu-7 682 ebezisebenza ngokungekho emthethweni,” kusho uMasemola.
Eveza kabanzi ngezibalo zababoshiwe, uthe bangu-4 029 ababoshelwe amacala okubulala nawokuzama ukubulala, wathi bangu-2 693 ababoshelwe amacala okudlwengula nokuzama ukudlwengula.
“Bangu-33 397 ababoshelwe ukutholwa nezidakamizwa, bangu-4 281 ababoshelwe amacala okuhweba ngazo. Kuboshwe abangu-15 075 ngokushayela bephuzile, kwathi abangu-2 498 baboshelwa ukudayisa utshwala ngaphandle kwemvume,” kusho uMasemola.
Uthe lo mkhankaso ububuye ubheke nezibhamu ezingekho emthethweni, kwaqoqwa ezingu-2 000 ezweni lonke. Uveze ukuthi iKwaZulu-Natal, yiyo eqoqe izibhamu eziningi njengoba zibe ngu-753, yalandelwa iWestern Cape ngezingu-607 kwase kuba yi-Eastern Cape ngezingu-343.
Uveze nokuthi imikhankaso yabo ibuye yasiza ekutheni kugwetshwe abangu-2 738, okukhona kubo nabangu-199, abathole odilikajele.
Related Topics: