Izindaba

Bayenyuka ababhalisela ukuvota besebenzisa ubuchwepheshe

Mhlengi Shangase|Published

SIYANDA isibalo sababhalisela ukuvota kuleli

Image: IOL

SEBENGAPHEZU kuka-27.7 million abasohlwini lokuvota okhethweni lohulumeni basekhaya, okulindeleke ukuthi lubanjwe kulo nyaka.

Lokhu kuvezwe yiKhomishini yezoKhetho eZimele kuleli, i-Independent Electoral Commission (IEC).

Ibamba lesikhulu esiphezulu se-IEC, uMnuz George Mahlangu, lithe siyakhula isibalo sabasohlwini lokuvota kuleli, njengoba uthela izithelo umkhankaso wokubhalisela ukuvota kusetshenziswa ubuchwepheshe.

"Sinomkhankaso wokunxenxa abantu ukuthi babhalisele ukuvota kuleli okwenze kwabhalisa abangu-26 743 selokhu kuqale unyaka. Abanye babheka ukuthi imininingwane yabo isavela kwikhomishini," lisho kanje.

UMahlangu uthe abantu bayaluthakasela lolu hlelo lokubhalisa nge-internet (online) abaluqala ngo-2021.

"Intsha okuyiyona esiyifuna ibhalisile isingu-7.7 million. Sisayinxusa enye ukuthi ibhalise njengoba kuza ukhetho. Sifuna ibambe iqhaza entandweni yeningi." 

Uthe intsha eyabhalisa ayibheke ukuthi ulwazi eyalufaka - okubalwa ikheli nolunye - luseyilo yini, wakhumbuza abantu ukuthi babhalise lapho behlala khona.

"Okhethweni lwalo nyaka umuntu uvota lapho ehlala khona. Yingakho sinxusa ukuthi abantu bazibheke ukuthi babhalise lapho behlala khona. Ngeke ukwazi ukuvota endaweni ongabhalisile kuyona."

Uthe kulolu khetho kuzobe kukhethwa abantu abazosebenzela umphakathi emawadini, waveza ukuthi abaneminyaka engu-16 nangaphezulu abanomazisi, bangabhalisela ukuvota.

"Siyaqhubeka nemikhankaso yokuya ezikhungweni zemfundo ephakeme ukunxenxa izitshudeni ukuthi zibhalisele ukuvota. Kuyilungelo lazo ukuthi zibambe iqhaza entandweni yeningi," usho kanje.

Kuzokhumbuleka ukuthi njengoba usuku lokhetho lungakanqunywa, uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMnuz Velenkosini Hlabisa, wathi luzoba phakathi kukaNovemba nonyaka noJanuwari wangonyaka ozayo.

UHlabisa okunguyena ozomemezela usuku lokhetho, wathi basabheka izinto eziningi njengoba lezi zinyanga zisuke zimatasa kuleli. Wabalula ukuthi kusuke kubhalwa izivivinyo zika-matric ngoNovemba, ngoDisemba kusuke sekungamaholidi kanti ngoJanuwari kusuke kuvulwa izikole.

Abafuna ukubhalisa nokubheka ulwazi lwabo ukuthi lusekhona bangaya ku:www.registertovote.elections.org.za.