UMNUZ Sbonelo Nomvalo oqokwe njengelungu leMK elisekomitini elizolekelela uZuma eCoastland Hotel eThekwini
Image: FACEBOOK
UKUTHUTHELEKA kwabantu abaningi beze emzini wakhe bezombuza izinto eziningi ngezinye zezinto eziwumnyombo wokuba wuMengameli woMkhonto Wesizwe Party (MKP), kwenze uMnuz Jacob Zuma wathatha isinqumo sokusungula ikomiti elizomlekelela ezintweni ezahlukene zeqembu.
Lokhu uZuma ukudalule esithangamini nabezindaba ebesiseCoastland Hotel, eMhlanga Ridge, eThekwini izolo ngesikhathi kumenyezelwa ikomiti okuvele ukuthi lizomlekelela emisebenzini yaleli qembu.
''Uma lifika eNkandla leli komiti lizokwazi ukuthi lingenelele lapho engizobona khona kunesidingo sokuba lilekelele,'' usho kanjena.
Eqhuba uZuma uthe ukholwa wukuthi ikomiti lizokhathula indima enkulu ekwenzeni izinto kangcono kuleli qembu.
''Sengizokwazi ukucela abanye abakuleli komiti ukuba benze lokho engibona ukuthi kufanele bakwenze. Uma ngithola umyalezo ngokuthile okwenzeka endaweni ethile sengizokwazi manje ukucela omunye wabo ukuba ahambe ayobheka khona,'' kuchaza uZuma.
Owaba yikhansela lokuqala ngqa le-MKP, uMnuz Sibonelo Maphumulo umemezele abakhethiwe kuleli komiti. Kubona kuvele negama lendodana kaZuma, uMnuz Duduzane Zuma.
Abanye ababalile ngoMnuz Vusimuzi Mkhize, SD Malunga, Nkk Zandile Mahlophe Mkhwanazi, Kaputeni Dladla, Siphamandla Vilakazi, Andrew Mbazo nabanye.
UMaphumulo uthe inhlosongqangi ngokubunjwa kwekomiti wukuqinisekisa ukuthi leli qembu libonakala lidlondlobala kakhulu. Uthe bahlose nokuqinisekisa ukuthi uMkhonto uphakama okwangempela ukwazi ukwenza izinto ngendlela efanele.
''Ngalokhu esikwenzayo sihlose ukuthi sithi ukuwuqinisa kancane umbutho wethu. Ngokubumba leli komiti sifuna ukuqinisekisa ukuthi ngempela kuyenzeka lokhu esikufunayo ngeqembu lethu.''
Utshele amalungu aleli qembu abekhona ukuthi angalenzi iphutha akulibale ukuthi inhloso enkulu yaleli qembu wukubuyisela leli zwe ezandleni zabantu abamnyama.
Lokhu uthe ukuze leli qembu likwazi ukukwenza kumele nakanjani likwazi ukuzihlela kahle ngendlela ezodala ukuthi konke kwenzeke kalula ngaphandle kwenkinga.
Ugcizelele ukuthi kuningi kakhulu okuzobonakala kwenzeka njengoba seliqokiwe ikomiti. "Bonke bazobonakala bengenelela lapho umengameli ezobe edinga khona usizo. Siyinhlangano enkulu, kuningi esikwenzayo, yingakho-ke besilidinga ikomiti elifana naleli,'' usho kanjena.
Uthe ikomiti lizoqikekela ukuthi izinto zihamba kahle kuleli qembu lokho likwenza lilekelela uZuma.
Related Topics: