Umufi uWiandre Pretorius
Image: X
Kumangale abaningi ngoMgqibelo ebusuku kuvela imibiko yokuthi uWiandre Pretorius usezibulele. Kubikwa ukuthi uzidubule egaraji lokufaka uphethiloli eBrakpan, e-East Rand.
Ngasekuqaleni kwesonto eledlule, usinde ngokulambisa ehlaselwa oshayasibhamu abathathu ngaphandle komuzi wakhe oseBoksburg.
UPretorius nabanye bayathinteka ekubulaweni komsolwa waseBrakpan ngo-2022. Lelo cala beliphenywa abe-IPID futhi beseluphothuliwe uphenyo idokodo ladluliselwa kubashushisi bomphakathi. UPretorious ubeyiphoyisa eliyirizevu, uyathinteka ekufeni kuka-Emmanuel Mbense owabulawa kukhona amaphoyisa angu12 isidumbu sakhe salahlwa emfuleni eDuduza.
Uzidubula phambi kukaphathina wakhe, uJuan- Mare Eksteen, iphoyisa elingusayitsheni.
Okhulumela amaphoyisa, u-Athlenda Mathe, uthe amaphoyisa athathe i-video yeCCTV egaraji ukuze aphenye.
UMathe uqhubeke wathi umufi lo ubenukwa ecaleni lokufa kukafakazi D owadutshulwa wabulawa ngaphandle komuzi wakhe.
"UWiandre uzibulala-nje kunezinsuku ezimbalwa i-Ipid ifake idokodo lophenyo ngokufa kukaMbense. Esingakusho wukuthi angu-12 amaphoyisa athinteka ekufeni kukaMbense, kodwa sekusele ayisishiyagalombili, amathathu adutshulwa ngonyaka odlule, amabili okubalwa kuwo nofakazi d abulawa ngaphandle kwemizi yawo, elilodwa lahlaselwa egaraji likaphethiloli."