Izindaba

Kushile kwabaqola iSASSA kumiswa izibonelelo ezingu-70 000

Mhlengi Shangase|Published

Themba Matlou

Image: Supplied

LONGE u-R44 million ngenyanga uhlelo lweSASSA lokubuyekeza izibonelelo eziholwa kuleli njengoba sekumiswe nezibonelelo ezingu-70 000, emva kokubuyekezwa.

Lokhu kuvezwe yisikhulu esiphezulu seSASSA uMnuz Themba Matlou, izolo ekhuluma nabezindaba eKapa, ngezinhlelo zeSASSA zokuqinisa imigomo nokuvala ompompi kwabaqola lolu phiko behola kungafanele.

Uthe basemkhankasweni wokubuyekeza izibonelelo yingakho bonge u-R44 million ngenyanga ngenxa yabahluleke wukuphothula uhlelo lokubuyekezwa kwezibonelelo zabo.

"Sifuna ukuqinisekisa ukuthi sikhokhela abantu abafanele. Yingakho sibuyekeza izibonelelo ezingu-420 000, onyakenimali u-2025/2026. Sisabuyekeze izibonelelo ezingu-240 000, sakwazi ukumisa ezingu-70 000, zalabo abahlulekile ukuphothula uhlelo lokubuyekeza," usho kanje.

Uthe ngonyaka bonga cishe u-R500 million ngenxa yalolu hlelo.

"Sinxusa abathintekayo ukuthi beze emahhovisi ukuze siqhubeke nohlelo lokubuyekeza izibonelelo zabo. Sisebenzisana nezinhlaka ezehlukene ukuthola imininingwane ngalabo esisuke sibuyekeza izibonelelo zabo."

Ubale ama-credit bureau, amabhange, iSARS, iNSFAS nezinye izikhungo abasebenzisana nazo ukuthola imininingwane ngabasuke bebuyekeza izibonelelo zabo.

"Ngokusebenzisana neSARS, sihlonze abangu-495 296 abahola izibonelelo esithole ukuthi kumele siyifakele izibuko indaba yabo, ngoba imali evela ngaphansi kwabo ingaphezu kwesikalo esibekiwe ukuze umuntu ahlomule ngesibonelelo sikahulumeni. Iningi labo selazisiwe ukuthi malize ukuze sibuyekeze izibonelelo zabo," usho kanje.

Uthe abangu-162 574 bathole imininingwane ngabo kwiNSFAS, kwathi abangu-291 581 bathola ngabo ohlelweni lukahulumeni lokukhokha amaholo.

"Siyayimisa imali yabahluleka wukuza kithina nemininingwane esisuke siyidinga. Sibanika izinsuku ezingu-90 ukuba beze kithina sibuyekeze indaba yabo ngoba asimane simise imali yabo."

Uthe bakwenza lokhu ngoba befuna ukwehlisa inkohlakalo nokuxhashazwa kwemali yomphakathi.

"Silawulwa wumthetho ukuthi sibuyekeze izibonelelo yingakho abaholayo kumele basibikele uma sekukhona izinguquko empilweni yabo. Kumele babike uma kushintsha isimo sabo semali, kubalwa noma sebeshadile."