Mduduzi Luthuli
Image: SUPPLIED
UMNDENI wowesilisa waseMgababa, okuthiwa ushone ngendlela engaqondakali esikhungweni esisiza imilutha yezidakamizwa, iDiscipline Boot Camp SA, usudalule izinsolo ezishaqisayo ngokuthiwa kwenzeke ngaphambi kokuba umufi ashone.
Umufi, uMnuz Mduduzi Luthuli (23) kuthiwa washona ngoJanuwari 22, 2026, emva kokuba yena nabanye ababili, ayezama ukweqa nabo, beshaywe kanzima abasebenza egatsheni laseRichmond, lapho okwakungeniswe khona umufi.
Isihlobo, uNksz Kwenzekile Luthuli, sitshele Isolezwe ukuthi bathole ucingo luqhamuka komunye obengeniswe kulesi sikhungo.
UNksz Luthuli uveze ukuthi owesilisa ubatshele ukuthi zinzima izimo abaphiliswa ngaphansi kwazo kulesi sikhungo, wathi okuvezwa ezinkundleni zokuxhumana akulutho.
“Uthe ekuseni bavuswa ngo-4, benziswe ama-push up awu-1 000 umuntu ngamunye. Kuthiwa uma uhluleka udliwa yinduku. Isidlo sasekuseni kuba yipalishi elimhlophe, esasemini kube yizambane elicobhozwe kusawoti, ebusuku balale ngamanqina enkukhu amabili. Uma kuyisikhathi sokugeza, kuyiwa emfuleni oseduze, kuyogezwa ngamanzi abandayo,” kusho uNksz Luthuli.
Uthe iningi lemilutha eyiswa yimindeni yayo kulesi sikhungo, ikuthola kunzima ukumelana nazo zonke lezi zimo, yikho umufi nabanye ababili, babhunga ngeyokuzama ukweqa ngesikhathi beyogeza emfuleni.
“Uthe babehlele ukuthi beqe ngoJanuwari 20, kodwa imizamo yabo yangaphumelela. Babethi bazovele babaleke, baphonseke emgwaqweni oseduze, bacele ukugitsheliswa yizimoto ezidlulayo, bahambe,” usho kanje.
Uthe itulo alibange lisenzeka njengoba kukhona oyedwa wemilutha, owabezwa, maqede wayobampimpa.
Uveze ukuthi kwathi sekubuyelwa esikhungweni bafike bavalelwa egunjini elithize, bafakwa induku.
“Kuthiwa baze bagaxwa namathayi kagandaganda. Kuyacaca ukuthi baze baphelelwa amandla,” usho kanje.
Uthe bagcina sebechama igazi, bathi noma bethi bayayibika leyo, basolwa ngokuthi bayazenzisa.
Kuthiwa lona wesilisa uveze ukuthi ukuhlukunyezwa okufanayo kwaqhubeka nangoJanuwari 21 kanjalo nangoJanuwari 22, nokuyilapho okuthiwa uLuthuli wagcina ewa, maqede waphuma uketshezi oluthile ngomlomo nangamakhala.
“Kuthiwa wabe esephuthunyiswa esibhedlela nokwavela ukuthi ufike khona esevele eseshonile, njengoba bathathwa esikhungweni ngeveni sekuxhamazelwa, kubonakala ukuthi akasanyakazi,” kusho uNksz Luthuli.
Uthe izisebenzi ezazimyise esibhedlela kwathi uma sezibuya ngaphandle kwakhe zathi, kwenzekile, okwenzekile, uMdu useshonile, impilo ayiqhubeke.
Uthe lona wesilisa kukhona lapho aveze khona ukuthi kukhona abake baphelelwa khona amandla, bangakwazi nokusukuma, kade sebephuziswe umuthi othile, nakhona kwathi uma bebika, baphendulwa ngokuthi bayazenzisa.
Uthe bathole ukuthi azikho izisebenzi zezempilo ezibhekelela abagula ngesikhathi besohambweni lwabo lokuphuma ekusebenziseni izidakamizwa.
“Nosonhlalakahle abekho, kanjalo nalabo abeluleka ngokwengqondo,” usho kanje.
Uthe iyabathusa indlela abesikhungo abaziphethe ngayo ezinkundleni zokuxhumana njengoba belokhu bebalula ukuthi baphatheke kabi ngokufa kukaLuthuli, ekubeni umnikazi wesikhungo engakaze afike ukuzohlanganisa amehlo nabo.
“Nayo le yokusabisa ababuza imibuzo ngokufa kukaMdu ezinkundleni zokuxhumana iyasimangaza. Baziphathisa okwabantu abazi okuthile esingakwazi thina, yize bethi wayezivocavoca,” usho kanje.
Isolezwe liwubonile umbiko wokuhlolwa kwesidumbu oveza ukuthi umufi wafa ngenxa yokushaywa kanjalo nengozi eyayisekhanda.
Ethintwa ngeledlule umnikazi wesikhungo uMnuz King Madlokovu ucele ukungaphawuli kakhulu, wathi ukusho lokhu ngoba kusaqhubeka uphenyo lwamaphoyisa.
Related Topics: