OTHISHA bezikole zasoPhongolo ezenze kahle
Image: sithunyelwe
IPHAKAMISE ukuthi kwakhiwe izikhungo zokucijwa kwamakhono abantu abasha oPhongolo iMeya yekule ndawo, uMnuz Bheki Thwala.
Ubekhuluma emcimbini wakamuva wokuklonyeliswa kwabafundi abenze kahle ku-matric ngonyaka odlule.
UThwala uthe kuyakhathaza ukuthi zincane izikhungo zamakhono ezisezindaweni ezisemakhaya. Uthe ukwanda kwalezi zikhungo kungaba yisixazululo esikhulu ukubhekana nengwadla yesibalo esikhulu sabafundi ababonakala beduva emakhaya njalo uma beqede u-matric.
UThwala uthe uzoxhumana nezinhlaka ezihlukene ngenhloso yokubhunga kabanzi ngale nkinga athe kumele isukunyelwe ngokuphazima kweso.
''Ngikholwa wukuthi ayikho into engeke yenzeke inqobo nje uma sonke sibambisana. Le nto yesikhungo samakhono ingaba yigxathu elimqoka kakhulu kubantu abasha bakule ndawo," usho kanjena.
Eqhubeka uthe uzokwenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi leli phupho ligcina lifezeka noma kanjani.
"Kumele senze konke okusemandleni ukuze isikhungo sigcine sikhona oPhongolo," usho kanjena.
Uthe inhlosongqangi yalokhu wukuqinisekisa ukuthi abantu abasha abaphenduki ondingasithebeni uma sebephothule uGrade 12.
''Abantu abasha kule ndawo kumele siqinisekise ukuthi bayaya ezikhungweni zokucijwa ngamakhono. Lokho ngikholwa wukuthi kungabalekelela ngayo yonke indlela. Iningi labo lingagcina selithola namanye amathuba," kusho uThwala.
Mayelana nokwenza kahle kwezikole ezingaphansi kwalo masipala uthe lokhu kukuveza ngokusobala ukuthi mukhulu umsebenzi owenziwe othisha ngokubambisana nabafundi.
Uthe badinga ukushayelwa elikhulu ihlombe bonke abantu abenze konke okusemandleni ukuze kutholakale imiphumela emihle ngalolu hlobo.
''Kuyinto esijabulisile ukubona izikole eziningi zendawo zenza kahle ngale ndlela. Lokhu kwenza sibone ukuthi eminyakeni ezayo kuyobe kukhulunywa indaba yokuthi zonke izikole zenze kahle,'' kuchaza yena.
Uncome abazali nabafundi wathi nabo bayadinga ukushayelwa ihlombe ngoba inkulu indima abayiklamayo ukuze kugcine kutholakala imiphumela emihle ngalolu hlobo.
Umcimbi uphothulwe ngokuthi kuklonyeliswe abafundi abenze kahle kanye nezikole ezithole imiphumela emihle.
Related Topics: