Indida isikhungo abadala sivalelwa ugesi ngenxa yesikweletu
Image: Sigciniwe
KUMAPEKETWANE esikhungweni esigcina abadala eMlaza, i-Ekhanana Old Age Home, osekuphele inyanga sicishelwe ugesi ngenxa yesikweletu sika-R4 million.
Isolezwe lihambele kule ndawo lakhuluma noMnuz Jabulani Kunene oyisikhulu esiphezulu kulesi sikhungo, oveze ukuthi izinto zimapeketwane selokhu umasipala ucishe ugesi ngenxa yesikweletu.
Uthe sesiphezulu kakhulu isikweletu ababhekene naso, wathi abasazi ukuthi nabo bathatheni bahlanganise nani ukuze bezokwazi kuthi bavale umgodi ovulekile.
Uveze ukuthi banezaguga ezingu-46 ezihlala ngaphakathi kulesi sikhungo ebese kuba nezinye ezifikayo kodwa ezingahlali khona ngokugcwele.
UKunene uthe ukucishelwa kwabo ugesi kudala ukuthi izinto zimane zibe lukhuni satshe, wathi kufike abantu bawucisha ugesi babatshela ukuthi inkinga bakweleta imali enkulu.
''Sona sesisikhulu kakhulu isikweletu esikhona manje. Okubuhlungu ukuthi nathi asazi ukuthi sizokwazi kanjani ukuthi sisikhokhe," usho kanjena.
Uthe okubuhlungu ukuthi abantu abadala bayawa embhedeni ngenxa yokuthi ugesi awukho, kuba mnyama kanti ababoni emehlweni.
''Sibhekene nenkinga enkulu njengoba abantu abadala bewa (begingqika phansi) emibhedeni nsuku zonke ngenxa yokungabi bikho kukagesi. Le nto imbi kakhulu futhi ingagcina isidala ukuthi kube khona abanye babo sebelimala ngenxa yalesi simo," usho kanjena.
Uveze ukuthi okunye okubi ngalesi simo ukuthi kukhona nezinye izinsiza ezingasebenziseki ngenxa yokuthi ugesi awukho. Uthe uhlalele ovalweni ngale nkinga ngoba akazi ukuthi kuzogcina kwenzekeni uma kuqhubeka ukucishwa kukagesi.
Ukhulume nangokuthi abanayo imoto yokuthutha izaguga uma kufanele baye ezibhedlela, waveza nokuthi babhekene nanenkinga yamanzi kule ndawo.
''Ngikhuluma nje, izingubo ziwashwa ngezandla namanzi atholakala kanzima," echaza. Udalule ukuthi bakulesi simo nje kungenxa yokuthi vele babhekene nenkinga yezezimali. Ukugcizelile ukuthi lesi sikhungo sibhekene nengwadla yokweswela imali.
Uveze ukuthi uMasipala weTheku ubayalele ukuthi okungenani mabanciphise lesi sikweletu ngokuthi bakhokhe nyanga zonke. Uthe batshelwe ukuthi okungenani bangakhokha imali ewu-R200 000 nyanga zonke.
Lena ke yimali uKunene akholwa ukuthi inkulu njengoba ethe bona bayisikhungo esingenzi nzuzo, akulula ukuba bangakhona ukukhokha imali engaka nyanga zonke.
''Iqiniso ukuthi asinayo imali eyanele ngoba ukube sinayo ngabe siyakwazi ukuthi sikhokhele ugesi siphinde sikwazi ukuthi sixazulule nezinye izinkinga eziningi ezikhona lapha ngaphakathi,'' usho kanjena.
Okhulumela uMasipala weTheku, uGugu Sisilana, uthe umasipala ulindele ukuthi zonke izikhungo zikhokhe ziqede zonke izikweletu zikagesi.
Uthe lapho okunesikweletu khona nakanjani ugesi uyacishwa ngoba lokhu umasipala ukwenza ngaphansi kohlelo lwabo olubizwa ngokuthi yiMunicipality's Credit Control and Debit Collection Policy. Lokhu uthe bakwenza ukuqinisekisa ukuthi imali kagesi ikhokhwa ngendlela efanele.
Related Topics: