Izindaba

Umkhuleko ngezingozi ezibulala abafundi

Nkosikhona Cele|Published

AMALUNGU omphakathi abethamele inkonzo yokukhulekelwa kwezingozi zasemgwaqeni.

Image: SITHUNYELWE

BALUBIKELE uNkulunkulu udaba lwengwadla yezingozi zomgwaqo ezibonakala zidla lubi kakhulu kulezi zinsuku ezingxenyeni ezahlukene zezwe. Lokhu kwenzeke kwindumezulu yenkonzo ebiseHambanathi, oThongathi.

Le nkonzo beyihlelwe ngokubambisana ngabefundisi bamabandla ahlukene kanye nenhlangano yomalume abathutha izingane zesikole ebizwa ngeSiqalokuhle Association.

UMphostoli Njabulo Mfeka oyilungu lale nhlangano uthe babone kumqoka kakhulu ukuba bahlele lo mkhuleko ngenxa yokubona ukuthi lezi zingozi seziphenduke insakavukela muva nje.

Uthe nakuba kule ndawo zingakabibikho izehlakalo zalolu hlobo ezibikiwe kodwa babona kumqoka ukuthi  banxuse uNkulunkulu ukuba angenelele ngokushesha kulesi simo agcizelele ukuthi siyethusa kakhulu.

Ukhale kakhulu ngokuthi lezi zingozi zibonakala zidlula kakhulu nemiphefumulo yezingane zesikole.

''Ngabe senza iphutha elikhulu uma sikuziba lokhu esikubona kwenzeka ezinganeni zethu. Sinxusa uNkulunkulu ukuba angenelele kule nkinga engaka esikhungethe,'' usho kanjena.

Ugcizelele kakhulu ukubaluleka kokuphepha kwabantwana njalo uma beya ezikoleni. UMphostoli Mduduzi Mashiyane weHouse of Sacrifices uthe okugqama kakhulu wukuthi usathane uhlasela esebenzisa izingozi ezibandakanya abantwana besikole.

Uthe kuyakhathaza kakhulu ukubona sanda isibalo sezingane zesikole ezihamba emhlabeni ngenxa yalesi simo.

''Njengabaholi bezenkolo kumele sikhuleke kakhulu simnxuse uNkulunkulu ukuba angenelele kulesi simo. Indlela okwenzeka ngayo ayiyinhle nje nhlobo futhi iyethusa,'' usho kanjena.

Uthe okuqaphelekayo kakhulu yizikhathi lezi zingozi ezenzeka ngazo. Uthe kuphakathi kokuba zenzeka ekuseni abantwana besaya esikoleni noma sebebuya khona. ''Lokhu kukuveza ngokusobala ukuthi impela inkulu impi ekhona manje ebhekiswe ebantwaneni bethu. Uma-ke singadembesela singamxusi uNkulunkulu ukuba angenelele kuzokonakala kakhulu,'' usho kanjena.

Uthe wumkhuleko kuphela onamandla okunqoba lesi simo esingesihle nathe siletha ukwethuka okukhulu kubazali.

Lo mkhuleko wenziwa ke nje ezinsukwini ezedlule sekubikwe kaningi ngezingozi zomgwaqo ezinyantisa igazi nezibandakanya izingane zesikole. Phakathi kwezinye zalezi zingozi kukhona neyenzeke eMgungundlovu nakhona kwalimala abafundi.

Kuthe kusabatshazwa lokho kwaba nenye futhi ingozi ebandakanya abafundi eGoli. Muva nje kube nenye ingozi eLotus Park ngaseSiphingo lapho okugcine kudlula khona abantu abangu-11 obekukhona kubo nomfundi oneminyaka engu-13.