Izindaba

Kuvela nephoyisa kwabalimale kabi kwebiwa imfuyo

Nkosikhona Cele|Published

Kukhona nephoyisa kwababanjwe beba imfuyo eBergville

Image: IOL

IKHULUNYELWA emakhoneni eZwelisha, eBergville, eyephoyisa elisinde ngokulambisa nesihlobo salo kade bedutshulwa ngemuva kokuba bebhadanywe egcekeni kusolwa ukuthi bebekade bezama ukweba izimbuzi.

Isolezwe lithole ukuthi iphoyisa nesihlobo salo baphuthunyiswe esibhedlela isimo sibucayi kakhulu. Kuvela ukuthi kukhona owesithathu naye olimale kabi kodwa yena ongahlobene nephoyisa.

Umsolwa wesine kuvela ukuthi ugcwele amathafa futhi akazange athelwe amachaphazelo. Kuthiwa balimale ngesikhathi sebetholene phezulu nomphakathi njengoba kubikwa ukuthi abasolwa bavulele ngenhlamvu emalungwini omphakathi.

Kuvela ukuthi iphoyisa elingumsolwa lisebenzela esiteshini saseBergville.

Lesi sigameko kuvela ukuthi siyindaba egudwini, kodwa umphakathi ukhuluma ujeqeza ngaso njengoba kuvela ukuthi sithinta imindeni emibili okuyimanje kuthiwa ibhekene ngeziqu zamehlo.

Isolezwe likhulume nohlobene nalapho obekwebiwa khona wathi akakuthandi ukukhuluma ngoba wudaba olubucayi kakhulu.

"Lunzima kakhulu bhuti wami lolu daba. Lapha ngikhuluma ngento ethinta mina nomndeni wami. Lumayelana nokufa nokuphila kwethu. Mhlawumbe singaluxoxa uma kuqala isonto elizayo kodwa okwamanje angithandi ukwanda ngalo kakhulu ngoba sibi kakhulu isimo,'' sisho kanjena isihlobo.

Sithe akulula ukuthi sikhulume sikhululeke ngalolu daba nomuntu esingamazi ocingweni. ''Angithandi ukukhuluma kakhulu ngalo ngoba angazi nokuthi ngikhuluma nomuntu osohlangothini lwabo yini. Ngabe kungcono ukuba kade sikhuluma ubuso nobuso,'' kuchaza isihlobo.

Ohlobene nephoyisa, uMnuz Siphelele Zwane, uvumile ukuthi abakubo abantu abalimale kulesi sigameko. Kodwa uthe akathandi ukwanda kade ngaso ngenxa yezizathu ezithile.

Isolezwe likhulume namanye amalungu omphakathi acele ukuba kugodlwe amagama awo agonyuluke ngokuthi zimapeketwane izinto eZwelisha njengoba kudlange kakhulu ubugebengu bokwebiwa kwemfuyo.

Akhale nangokuthi ngale kokwanda kwale nkinga kukhona nobugebengu obuhlukahlukene nabo obudala ukuthi umphakathi uthuke izanya.

''Konakele kakhulu kule ndawo izinto azihambi kahle. Sihlezi kabuhlungu kabi ngenxa yezinto ezimbi zobugebengu okuyizona ezidala ukuthi kumane kube lukhuni satshe ukuhlala kule ndawo,'' usho kanjena okhulume neSolezwe.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, usiqinisekisile lesi sigameko. Uthe amaphoyisa asesiteshini saseMatsheni, eBergville, aphenya icala lapho khona kunabesilisa ebebezama ukweba izimbuzi. Uqhube wathi kuthe uma umphakathi sewuzama ukubabamba abasolwa bavele badubula bebhekise emphakathini.

''Abasolwa ababili balimale kabi ngesikhathi umphakathi usuphindisela. Babe sebedluliselwa esibhedlela lapho bengaphansi kweso lamaphoyisa,'' usho kanjena.