Izindaba

Intukuthelo ebulala intombi abeyisola ngokujola

Nkosikhona Cele|Published

Ummese

Image: Sigciniwe

UVELE avukwe usizi uyise wowesifazane waKwaSonyongwane, eMzimkhulu, okuthiwa ubulawe yisoka lakhe kade limsola ngokuthi useyajola.

UMnuz Zakhele Sithole unguyise kamufi, uNksz Zandile Sithole (34), okusolakala ukuthi ubulawe ngesihluku yisoka lakhe okuthiwa ligcwele amathafa. Isolezwe linalo igama likamsolwa kodwa elingeke lilidalule engakaveli enkantolo.

USithole utshele Isolezwe ukuthi indodakazi yakhe ibikade ivakashele isoka kanti bazofike baxabane, isoka lase limgwaza maqede labaleka.

''Ubekade elivakashele isoka lakhe okuyinto ebengingenankinga nayo ngoba vele usemdala futhi bengingeke ngimtshele ukuthi akahlukane nalo. Kodwa okubuhlungu ukuthi le nto igcine seyiphetha kabuhlungu kangaka,''echaza.

Uthe kube nokuphambana ngenkulumo phakathi kwalaba kwathi uma indodakazi izama ukuphuma ibaleke wayifica egcekeni wayigwaza wase ecela empunzini.

''Okungiphethe kabi kakhulu nje ukuthi ingane yami ibulawe phambi komndeni onabantu abaningi kangaka. Ngikholwa ukuthi bahlulekile ukulekelela ingane yami. Ibuhlungu kakhulu le nto eyenzekile enganeni yami," usho kanjena.

Uthi ukhulumile noyise kamsolwa waxolisa wathi bebevule ithelevishini ngesikhathi kusuka uthuli lwezichwe phakathi kwalaba kwazise umsolwa ubenendlu yakhe ngaphakathi egcekeni.

''Ngizizwa ngihlukumezekile nje kakhulu ngendlela yonke le nto eyenzeke ngayo. Namanje akuvumi ngikholwe ukuthi indodakazi yami kayisekho ngampela emhlabeni," usho kanjena.

Uthe usazoke ahlale phansi nomndeni lapho obekuqome khona indodakazi yakhe babhunge ukuthi kwenziwa njani uma kunjena.

''Angazi mina mhlawumpe yibona abazonginikeza uhlahlandlela wokuthi ngempela kwenziwa kanjani uma kunjena. Mina ngizizwa ngiphelelwa ngamagama,''echaza.

Uthe okumphatha kabi kakhulu ukuthi unina kamufi ongasekho emhlabeni wayengeve eyithanda indodakazi yakhe.

''Unina esezoshona wangidonsa ngendlebe ukuba ngenze konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi ngiyayinakekela indodakazi yakhe. Ngizizwa ngiyisahluleki ngoba ngihlulekile ukwenza into engangikade ngicelwe ukuba ngiyenze," echaza.

Uthe njengamanje amehlo abo athe njo kwabengalo yomthetho ukuthi bazohamba ibanga elingakanani ngaleli cala. Uthe abakufisayo njengomndeni ukubona ubulungiswa benzeka.

''Kukodwa nje okungasithoba amanxeba njengomndeni ukubanjwa kukamsolwa ebese kuqulwa icala ebese eyavalelwa. Ngeke phela kulunge ukuthi kubulawe indodakazi yami ebese kuphela nje kanjalo. Kumele ajeze loyo okumele ajeze," usho kanjena.

Utshele Isolezwe ukuthi yize engenaso isiqiniseko kodwa bese kuphele iminyake ecela kwemihlanu laba bethandana.

''Angikaze ngicabage ukuthi lo mfana angenza into enjena ngoba nakhu esola indodakazi yami ngokujola. Ubengamane ngani ayishiye athole enye intombi uma ebesehluleka ukuba nayo," echaza.

Uthe ngabe uqamba amanga aluhlaza uma engathi ubeke wezwa kukhulunywa indaba yokuthi kukhona ukuhilizisana okuye kube khona phakathi kwendodakazi nesoka. 

"Yize ngingeke ngazi kodwa angikhumbuli ngithola ukuthi kukhona okungahambi kahle phakathi kwalaba ababili. Yingakho kungimangazile kakhulu ukuthola ngalokhu okwenzekile," echaza.

Amaphoyisa aKwaZulu-Natala akuqinisekisile ukubulawa kowesifazane. Athe amaphoyisa aseMzimkhulu  aphenya icala lokubulala.