Izindaba

Basabheke izimpendulo ngowaduka kubo kamkhwenyana ngo-2018

Zimbili Vilakazi|Published

Nksz Andile Cele

Image: SITHUNYELWE

USAKHALELA izimpendulo kanjalo nobulungiswa umndeni wowesifazane waseKuphumeleleni, KwaSanti, okuthiwa wahamba ekhaya ngoDisemba 2018, evakashela umkhwenyana, wangaphinde wabuya. 

Ngokusho kukaNksz Mbali Cele oyisihlobo, uNksz Andile Cele (27) wasuka ekhaya ngoDisemba 22, 2018, walibangisa kubo kamkhwenyana wakhe eMatimatolo, eGreytown.

Uthe wayethembise ukuthi ngeke alenze iphutha angabuyi ngoDisemba 28, 2018, kwazise wayethe ufuna ukuhlukanisa unyaka ekhaya nendodakazi (8) yakhe kanjalo nomndeni.

“Saqala sathuswa imiyalezo ayeyiphanyeke kuma-status ka-WhatsApp wakhe ngoKhisimusi, esaze sayibona ngakusasa ekuseni,” kusho uMbali.

Uthe asawukhumbula owawuthi: “Lokhu kuwukuphela komendo wami”, wathi bathi uma bezama ukumfonela ukuze bambuze ngale miyalezo, bathola ukuthi ucingo lwakhe kalusangeni.

Uveze ukuthi kwahamba izinsuku, kwathi uma bembona engabuyi ngosuku ayethembise ukubuya ngalo, bahlaba ucingo balubhekisa kumkhwenyana, bembuza ukuthi uphi.

“Wasitshela ukuthi akekho uhambile, weza ekhaya ngoDisemba 26,” kusho uNksz Cele. 

Uthe ngoJanuwari 1, 2019, banikela emaphoyiseni eMariannhill, bayobika umuntu odukile, bavulelwa idokodo abayalelwa ukuthi lizodluliselwa esiteshini saseMatimatolo, ngoba ulahleke kade eye khona.

“Nathi basiyalela ukuthi siye esiteshini sakhona ukuze sizosizakala kangcono,” usho kanje. 

Esinye isihlobo esaba yingxenye yohambo lokuya eMatimatolo, uNksz Gugu Mbatha, sithe umkhenyana wakhuluma izinkulumo ezingafani ngokunyamalala kuka-Andile ngalolo suku.

“Ngesikhathi simfonela, wasitshela ukuthi u-Andile ukhona, usekhaya kubo. Kwathi uma esebuzwa amaphoyisa sesifike nawo kubo, washintsha wakhuluma eyokuthi wahamba weza ekhaya ngoDisemba 26,” kusho uNksz Mbatha.

Uthe babethi uma bembuza ukuthi kungani akhulume izinto ezingafani, abasole ngokumninda ngecala angalazi, athi kobaphoqa ukuthi bamgeze uma sekutholakala ukuthi u-Andile uyaphila. 

Uthe luningi nolunye ulwazi olwalubuye luphutshuzwe wumndeni wakhe, baluyise kumphenyi kodwa bangaboni kuthathwa zinyathelo ngalo.

Kulona, uthe kukhona nolukamfowabo kamkhwenyana, owabatshela ukuthi yena wamuzwa u-Andile ekhala ebusuku bangoKhisimusi.

“Emva kwalokhu kukhala, akekho egcekeni owaphinde wambona. Ngisho nangesikhathi 'esehamba' njengokusho komkhwenyana, akekho othi wambona,” kubeka uNksz Mbatha.

Uqhube wathi kwabuye kwaba khona ingane yasemndenini eyayineminyaka ebalelwa ku-12 ngo-2019, eyayilokhu ikhuluma noyedwa womndeni ka-Andile, ithi yona iyazi ukuthi ubaba omdala wamenzani umama omdala. 

“Saphinda salusa lolu lwazi kuphenyi. Sathi uma sesibuza ukuthi wenzeni ngalo, wathi uyile kulo muzi ethi uyophonsa ingane imibuzo, wafike watshelwa ukuthi seyathutha yayohlala eJozini,” usho kanje, wathi baxakwa ukuthi yayingekho yini indlela yokuthi kuyiwe lapho, ukuze izosho ekwaziyo. 

Uthe okunye ababuye bakuqaphela ngesikhathi bepequlula endlini kamkhwenyana ukuthi nakuba zazisekhona ezinye izimpahla zika-Andile kodwa kukhona okwakuthimulisa.

“Isikhwama sakhe esikhulu ayengasishiyi uma ehamba nayesuke naso ekhaya ngesikhathi eya khona, sasikhona. Umbuzo wethu, ongaphendulekanga, wawuthi uma ehambe wabuyela ekhaya, uzipakishephi izimpahla zakhe ayehambe nazo?” kusho uNksz Mbatha.

Uthe okunye abakuqaphela ukuthi iselula yakhe kanjalo nesikhwama sakhe semali esasinezinto ezifana namakhadi asebhange, umazisi kanjalo nelayisensi, sasingekho. 

Bathe ngokwabo yonke iminwe ikhomba lona wesilisa, bathi bafuna ihhovisi lamaphoyisa esifundazweni likhiphe umyalelo wokuthi liphinde livulwe idokodo eselavalwa, luqalwe phansi uphenyo, kuphenyisiswe umkhwenyana ukuze akhiphe izimpendulo.

“Wuye owayevakashwelwe, nguye owaba umuntu wokugcina ukumbona, nguye okhuluma izinto ezingefani. Akaphenyisiswe, akhiphe lonke iqiniso, asho nokuthi isidumbu sakhe wasigqibaphi, bese eyaboshwa,” kusho uNksz Cele.

Uthe balokhu belikhalele njalo ithambo lika-Andile, wathi isimo asikaze siphinde sibuyele kwesejwayelekile emndenini kulandela ukulahleka kwakhe, waveza nokuthi ngisho nendodakazi yakhe esineminyaka engu-16 manje, ihlale ibhala ngisho nasezincwadini zayo zesikole ukuthi iyamkhumbula unina.

Police comment...