Izindaba

Usizi umndeni unqatshelwa ukungcwaba epulazini

Nkosikhona Cele|Published

ZIYIME emthumeni emndenini waseBergville, othi unqatshelwa wumlungu ukuba ungcwabe ilungu lawo endaweni eyipulazi, isizukulwane sawo esazalelwa kulona.

Isolezwe likhulume nowomndeni, uMnuz Mndeni Mavundla, walandisa ngomshophi obehlele wokudlula emhlabeni kukamfowabo omcane, uMnuz Sakhile Mavundla (35), adalule ukuthi uqalwe ukugula ngoNovemba, kwase kuyamanela muva nje.

Uveze ukuthi igama laleli pulazi libizwa ngokuthi yiDelta, wathi kuduma amakhanda kubona njengoba umlungu owengamele leli pulazi eshaya phansi ngonyawo, ethi awukho umngcwabo ozoqhuheka endaweni yakhe.

Uthe lokhu kuqubula inqwaba yemibuzo nokudideka kubona njengomndeni ngoba bona bazalelwa kuyona le ndawo futhi kunjalo nje banendawo engamathuna abafihla kuyona.

''Baningi kakhulu abantu balapha ekhaya esesabafihla lapha epulazini. Siyadideka-ke uma namhlanje sekuqhamuka umuntu ezositshela ukuthi ngeke sikwazi ukuthi singcwabe endaweni esaqala kudala ukuthuna kuyona, kwayena lo mlungu engakafiki," usho kanjena.

Uveze ukuthi sekuphele isikhashana manje beduve nesidumbu njengoba kuduma amakhanda ngokuthi bazothathani bahlanganise nani ukuze baphume kulesi simo abazithola bebhekene naso.

''Kumile yonke into. Asazi ukuthi kumele senzenjani. Le nto isidale ukuthi kume yonke into ngenxa yalesi simo esibhekene naso," echaza.

Uthe sebezamile amahlandla amabalwa ukukhuluma nomlungu kodwa kufana nokuthi bagqoma idwala.

Uthe emhlanganweni wokuqala, umlungu ubatshele ukuthi mabalinde kukhona omunye okumele abe khona uma sekubhungwa ngokungcwatshwa kuleli pulazi. Uthe namanje basahlezi balinde umnyama ongenafu.

Uchaze lesi simo njengesifana nje ncimishi nesifaka usawoti esilondeni.

"Njengamanje kumele ngabe kukhulunywa indaba yokuthi sesiyawaphothula amalungiselelo okufihla okanye sesiqedile. Kodwa lutho, izinto zimile nje akunyakazi lutho ngenxa yalesi simo," kusho yena.

Uthe basabela ukuthi uma siqhubeka lesi simo izogcina seyiphezulu kakhulu imali okuzomele bayikhokhele amakhaza alapho kugcinwe khona umufi.

''Kumele isixazululo sale nto sitholakale ngokukhulu ukushesha lokhu. Ngale kwalokho kuzonokala izinto eziningi kakhulu," usho kanjena.

Uthe bona abazimisele ukuthi uphondo lungagoba ngakubona ekubeni okhokho babo kanye nomkhulu bafihlwa kuyona le ndawo, wathi bagcine ukufihla endaweni ngo-1998 ngesikhathi befihla ugogo wabo.

''Samfihla kahle kabi ngaphandle kwenkinga, akekho nomuntu owaqhamuka wasitshela le nto esesiyitshelwa yilo mlungu manje," echaza.

Uthe kumele babhukule balwe nayo le nto ngoba kuyacaca ukuthi neminye imindeni ezoshonelwa izozithola seyibhekene nenkiyankiya.

Isolezwe limshayele ucingo umlungu okukhulunywa ngaye ozibize ngokuthi unguJanie. Uvumile ukuthi uyalwazi udaba lokuduva kwesidumbu selungu lomndeni othile emakhazeni. Uthe ngeshwa akukho angalekelela ngakho ngoba umthetho usuyabanqabela ukuthi abantu bangafihla epulazini.

''Ngikhuluma nawe nje sebeyitholile incwadi evela enkantolo ebibazisa ukuthi ngeke bakwazi ukufihla epulazini. Manje sekusezandleni zabo-ke ukuthi bazothatha siphi isinqumo," usho kanje.

Ukuze kufinyelelwe esisombululweni salolu daba, Isolezwe lizamile ukuxhumana nehhovisi lokuBuyiswa koMhlaba nokuThuthukiswa kweziNdawo zasemaKhaya kodwa alangaphendula.