Izindaba

Kusenzima kunkosikazi wephoyisa elabulawa ngesihluku

Zimbili Vilakazi|Published

UMUFI uSergeant Mondli Gabisa

Image: SITHUNYELWE

SISESIBI namanje isimo kunkosikazi wephoyisa lasesiteshini saseCato Manor, eThekwini, elabulawa ngesihluku ngasekupheleni konyaka odlule.

Lokhu kuvezwe wudadewabo kamufi, uNksz Thobile Gabisa, ngaphandle kweNkantolo yeMantshi yaseThekwini izolo kulandela ukuvela kwabane ababoshwa ngecala lokubulala.

USergeant Mondli Gabisa (39) wagwazwa wafa eMayville ngoNovemba 8 isidumbu sakhe saficwa ngamaphoyisa sidindilize ngaphandle kwamaflethi akule ndawo emva kwesigameko.

Emva kokubulawa kwakhe, kwaboshwa abasolwa abane, oMnuz Thalente Griffiths Cele (42),  Philani Maphila Mhlongo (29), Nksz Minenhle Amahle Cele (20) noNksz Nadia Shezi (25). 

UNksz Gabisa utshele Isolezwe ukuthi unkosikazi kamufi akukavumi amukele ukuthi umyeni wakhe akasekho emhlabeni.

“Uvele wakhala ekuseni ngikhuluma naye ngokuthi namuhla usuku lwecala,” kusho uNksz Gabisa.

Uveze ukuthi umufi ushona nje, bekungakapheli zinyanga ezitheni bethole umntwana omncane, kanti bavele banomunye naye osemncane.

“Lo omncane unonyaka owodwa ezelwe. Kuthi lo omunye abe neminyaka cishe eyisihlanu. Sinzima isimo. Ukubulawa kukamfowethu, kumphoqe ukuthi abhekane nokukhulisa izingane ezincane yedwa,” usho kanje.

Uthe selokhu liqalile ukuya enkantolo icala lona wesifazane akanawo amandla okuyozibonela ngawakhe okwenzeka khona.

Ngaphakathi enkantolo, uMshushisi woMbuso, uMnuz Calvin Gavender, utshele inkantolo ukuthi udaba seluhanjisiwe ehhovisi loMqondisi wezokuShushiswa koMphakathi.

“Inhloso wukuthi anqume ukuthi icala likufanele yini ukuba liyoqulwa eNkantolo eNkulu yaseThekwini,” kusho uGovender.

Uveze ukuthi umqondisi uzothatha isinqumo ngalokhu uma sekuphothulwe lonke uphenyo.

Uveze ukuthi phakathi kophenyo olusashoda kukhona umbiko wendawo yesigameko kanjalo nombiko wokuhlolwa kwesidumbu. 

IMantshi uNkk Vaehed ilihlehlisele uMashi 17 icala ukuze kuqhubeke uphenyo.

Emva kokuboshwa kwabasolwa nyakenye kwavela ukuthi uNksz Cele uboshwa nje ubefunda u-matric, ebhala izivivinyo zakhe zokuphela konyaka.

Bafaka isicelo sebheyili, kusona kwaphumelela umsolwa wesine kuphela, uNksz Shezi, owadedelwa ngebheyili ka-R1 000. 

Kuleli cala umsolwa wokuqala (uMnuz Cele), owesibili (uMnuz Mhlongo) nowesithathu (uNksz Cele) basolwa ngecala lokubulala umufi bese kuthi owesine (uNksz Shezi) asolwe ngelokushaya unkosikazi kamufi okuthiwa wayehamba naye ngosuku lwesigameko.