MNUZ Mduduzi Luthuli
Image: SITHUNYELWE
ISIKHUNGO esisiza imilutha yezidakamizwa, iDiscipline Boot Camp SA, esiwundabamlonyeni ngoba besisola ngokubulala owesilisa owayezolashwa kuso ngenyanga edlule, siyazihlangula ngelithi waphuthunyiswa esibhedlela engazizwa kahle kulandela ukuthi yena nabanye ayezama ukweqa nabo bebanjwe maqede bajeziswa ngokuthi bazivocavoce.
UMnuz Mduduzi Luthuli (23) kuthiwa ushone ngoJanuwari 22, ezandleni zabesikhungo kanti wayelandwe ngabesikhungo ngoJanuwari 10, ngokuvumelana nomndeni ukuthi ayothola usizo, ukuze ayeke izidakamizwa.
Esitatimendeni esiphanyekwe ekhasini leFacebook lesikhungo, umnikazi waso uMnuz King Madlokovu, uthe kuyishwa ukuthi bamemezele ukushona koyedwa wabantu ebebesesikhungweni sakhe, ngokuvumelana nomndeni ngenxa yokusebenzisa izidakamizwa eziyingozi.
Siqhuba sithi, emva kwamasonto amabili umufi engaphakathi esikhungweni, uzame ukweqa kanye nabanye kodwa babanjwa yithimba lesikhungo, base bajeziswa ngokuthi bazivocavoce.
“Ngakusasa ekuseni waphuthunyiswa esibhedlela kulandela ukungazizwa kahle, emva kwalokho kwamenyezelwa ukuthi usesishiyile,” kusho isitatimende.
Isitatimende siqhuba sithi, ngesikhathi kwenzeka isigameko, umnikazi wesikhungo ubengekho, wagcina exhumana nomndeni ngocingo.
“Ngokujwayelekile uma kwenzeke into efana nale, amaphoyisa aye enze uphenyo, bese eletha umbiko,” kusho isitatimende, esiqhube sathi uma sekuphothulwe uphenyo, kwaqedwa ngombiko wochwepheshe (forensic), yilapho isikhungo esizovumeleka khona ukuthi sisho ukuthi kwenzekeni.
“Sicela ukunikwa ithuba njengoba sisosizini nomndeni,” sisho kanje isitatimende.
Ngeledlule umthombo oyisihlobo esiseduze nodaba, uveze ukuthi umndeni ukubeke kwacaca ukuthi isidumbu sikamufi sasikhombisa ukuthi ushaywe ngezikhali ezithize. Uthe ekhanda ubethungiwe kukhombisa ukuthi ubenengozi evulekile, wadalula nokuthi emzimbeni wayenemivimbo ekhombisa ukuthi ubetalajwa.
Utshele Isolezwe ukuthi kukhona isisebenzi sesikhungo esatshela umndeni ukuthi bashayiwe kade bezama ukweqa, yena wase eyashona. Waphinde waveza neyokuthi ngesikhathi unina kamufi ebizelwa esibhedlela okwakuthiwa umufi uphuthunyiswe kuso, abahlengikazi bamtshela ukuthi ufike esibhedlela esevele esethule.
Umndeni awutholakalanga ukuba uphawule ngokushiwo yisitatimende sesikhungo.
Amaphoyisa awakaze aphawule ngalolu daba phezu kokuba ayethunyeleliwe imibuzo.
Related Topics: