MNUZ Lindokuhle Majola
Image: SITHUNYELWE
SITHUKA izanya isihlobo sababili okuthiwa babulawe ngesihluku abantu abangaziwa eMabedlana, KwaNyuswa, eHillcrest, ngeSonto.
Kulesi sigameko kudutshulwe kwafa uNkk Cashile Majola (64) nedodana yakhe encane, uMnuz Lindokuhle Majola (31) besekhaya.
Ngokusho komthombo ocele ukungadalulwa, izidumbu zabo zitholwe zidindilize egaraji, ngaphakathi endlini bekungagqekeziwe futhi kwangathathwa lutho. Uthe kukhombisa ukuthi abahlaseli bagasele abagilwa bengayivalile iminyango. Uveze ukuthi kukhombise ukuthi uNkk Majola ubewasha egaraji, indodana yakhe kubonakala sengathi ibilele egumbini layo kodwa kuvela ukuthi bayihudulile bayibulalela egaraji.
NKK Cashile Majola
Image: SITHUNYELWE
Umthombo uqhuba uthe ngesikhathi kwenzeka isigameko, enye indodana kaNkk Majola, ibisesitolo sasekhaya esibude buduze nekhaya.
“Ufonelwe omakhelwane, abezwe kuduma izulu lezandla. Uphuthume khona esikhathini esingangemizuzu engu-10, wafica umndeni wakhe ubulewe ngesihluku, sekukhona nomphakathi,” kusho umthombo.
Uqhube wathi ngesikhathi amaphoyisa esenze uphenyo endaweni yesigameko athole amagobolondo ezinhlamvu angu-18. UNkk Majola ubenamanxeba okudutshulwa amabili, kukhona inxeba elikwesingenhla kanjalo nasethangeni. Kwathi indodana yakhe yadutshulwa ekhanda, esifubeni nakwezinye izingxenye zomzimba ngezinhlamvu ezibalelwa kweziyisishiyagalombili.
Umthombo udalule ukuthi ukhona abamsolayo ngesigameko, okuthiwa wasongela isihlobo esisindile ngesikhathi kunomhlangano ngokwebiwa kwezimbuzi endaweni ngoDisemba.
Kuthiwa umhlangano waba khona emuva kokuthi kubanjwe abesilisa ababili ebese beziqedile izimbuzi zabantu endaweni.
Kuvela ukuthi ngesikhathi umphakathi usabisa ngokubenzakalisa, bazikhalela ngelithi “malume khuluma iqiniso” bebhekise esihlotsheni sabo, okwavela ukuthi yiso esibathuma ukuthi bayokweba.
“Lona osindile wagcina eshaywa wuye lo malume, waphindiselela naye, kwathi sebelanyulwa, wasonga ngelithi ayiphelile,” kusho umthombo.
Uthe wuye yedwa lona wesilisa ebebazi ukuthi unenkinga nalona osindile nomndeni wakhe.
Uveze ukuthi okwenza bakhushukelwa wumoya emhlanganweni wukuthi nabo base bentshontshelwe izimbuzi ezibalelwa ku-25.
“Owesilisa uthukile ngokwenzekile, akazi ukuthi yena uphephe kangakanani njengoba abasolwa besagcwele amathafa. Uthuka kufanele ngoba kubulawe izihlobo zakhe, kwangathathwa ngisho nemali ebiphezu kwetafula, kukhombisa ukuthi bebefuna imiphefumulo yabafi kuphela,” kusho umthombo.
Related Topics: