UNKSZ Snenhlanhla Mnqayi
Image: SITHUNYELWE
UBENOMLANDO wokumhlukumeza umufi, owesilisa waseLovu, eThekwini osagcwele amathafa, osolwa ngokumbulala ngesihluku ngoLwesihlanu.
Esigamekweni okuthiwa senzeke emqashweni kamufi, kugwazwe kwabulawa uNksz Snenhlanhla Mnqayi (26) waseNseleni, KwaMbonambi.
Ngokusho kwesihlobo, uNksz Ntombi Cele, bezwe ngesigameko emva kokuthi umastende kamufi ehlabe umkhosi, wabiza umphakathi, izihlobo namaphoyisa.
“Isigameko senzeke phambi kwengane kamufi yentombazane eneminyaka eyisihlanu, abehlala nayo,” kusho uNksz Cele.
Uthe umufi ubenamanxeba amabili emahlombe nelilodwa esifubeni.
Uthe esandleni isidumbu sakhe besisabambe iselula, kukhombisa ukuthi inombolo yokugcina abelokhu eyifonela umlibe eyamaphoyisa, nokuwakha isithombe sokuthi ufe ezama ukuthola usizo lwawo.
Uthe bezwe ngomastende ukuthi ingxabano yabo ibiqale ngezikhathi zasemini, kwabuye kwaba sengathi iyaphela.
Uthe bezwe ukuthi kuke kwezwakala kancane umsindo kodwa wabuye wathula, umsolwa wabonakala esephuma ngesango ehamba.
“Kuthiwa ubuye wabuya emva kwesikhathi, wama esangweni, wancenga uSne eside isikhathi ethi akamvulele, wagcina emvulela, kwaba wukuthi usephethe ummese amgwaze ngawo,” kusho uNksz Cele.
Udalule ukuthi ubudlelwano bukamufi nomsolwa buqale phambi kwakhe ngo-2024, umsolwa elokhu efika endaweni (kaNksz Cele) yokucima ukoma, lapho ayeqashe khona umufi.
Uthe zathi zibekwa nje, waba nodlame umsolwa kumufi.
“Wayevele amashaye nje kalula. Behlale bexabana, emshaya kuze kufe ngisho amawindi,” usho kanje.
Uthe bese kukaningi bekhuluma nodadewabo, bezama ukumbonisa ukuthi lobu budlelwano buyingozi.
“Ubevele athi uyamthanda, akakwazi ukuhlukana naye. Bese ethi usazoshintsha,” usho kanje.
Uthe ngesikhathi umndeni usubheka izingxoxo zabo kwiselula kamufi, nakhona kuvele ukuthi bebehlale bexabana.
“Kokunye bebebanga ukungathembeki kukamsolwa, uSne kuthi uma embuza, amthembise ukumbhonya,” kusho uNksz Cele.
Uqhube wathi kokunye bebebuye babange ukuthi ufuna umufi akhulelwe, yena (umufi) engayizwa kahle ngoba ebona ukuthi isimo emalini asihambi kahle.
Uveze nokuthi umndeni ubuye wabona nokuthi umsolwa ubebuye afune ukuthi umufi amsize ngemali ngenkani, njengoba ebengumuntu obehlale ewathola amatoho.
Related Topics: