Izindaba

Kuhlukene imibono ngokuhoxa kowe-DA embangweni wokuhola iqembu

Mhlengi Shangase|Published

Umholi weDA uMnuz John Steenhuisen

Image: Sigciniwe

KUSHAYISANA imibono ngokuhoxa komholi we-DA embangweni wokuhola leli qembu engqungqutheleni ezoba ngo-Ephreli, kulo nyaka.

Kukhona abamncomile ngokuthi ukwazile ukukhulisa iqembu uMnuz John Steenhuisen, omemezele ngokusemthethweni, ukuthi ngeke awungenele lo mbango, kwakhona abathi liphume nobomvu. 

Ekhuluma esithangamini sabezindaba eThekwini, uthe konke kufeziwe. Uthe ngeke angenele umbango wokuhola leli qembu ngoba ufuna ukugxila ekusizeni abalimi balwe nalesi samatele.

"Ngizofuqa umkhankaso wokugoma izilwane emuva kwalo mbhedukazwe. Kudingeka ngigxile kulo msebenzi odinga sonke isikhathi sami sonke ngakho ngeke ngikwazi ukugxila ekutheni ngilungiselele ukhetho lohulumeni basekhaya," usho kanje.

Uzishaya isifuba ngemisebenzi ayenzile kuqokwa oNgqongqoshe namaPhini abo kuhulumeni wokubambisana kwamaqembu, i-GNU.

"Sikwazile ukubuyisa ukwesekwa kwe-DA emuva kokuba owayengumholi ashiya iqembu. Sikhulile nesibalo sabavoti sathola abangu-3.5 million, obekungokokuqala emlandweni we-DA." 

IMeya yedolobha iKapa, uMnuz Geordin Hill-Lewis oyimfivilithi ukuthi athathe isikhundla sikaSteenhuisen, umncomile ngomsebenzi omuhle nomlando awushiya kwi-DA.

I-DA imbongile ngomsebenzi omuhle nomlando awushiyile.

Okhulumela i-DA, uMnuz Jan de Villiers, uthe uzikhandlile lo mholi efaka i-DA kwi-GNU.

"I-DA ikhulile ngaphansi kobuholi bakhe. Ushiya nje ukuze agxile emsebenzini wakhe kahulumeni njengoba eseMnyangweni wezoLimo."

Ne-DA KwaZulu-Natal okuyisifundazwe uSteenhusein aqhamuka kusona, ithe usebenzile lo mholi kusuka esahola ikhokhasi yaleli qembu kuMasipala weTheku.

"Ubelokhu eqhubeka nokukhankasela leli qembu ezindaweni ezehlukene esifundazweni. Siyaziqhenya ngaye nangomsebenzi omuhle awenzile," kusho i-DA esifundazweni.

Nabanye abaholi okubalwa iMeya kaMasipala uMngeni, uMnuz Chris Pappas, bamthulele isigqoko uSteenhuisen.

 

UDkt Dion George obeyinkukhu nempaka noSteenhuisen kuleli qembu, owasula esikhundleni sikaNgqongqoshe wezeMvelo, amaHlathi nokuDoba, uthe liphume nobomvu ngokuhamba kwalo mholi.

UGeorge owasula eqenjini ngaphambi kokuba aqondise ubugwegwe ngokuthunaza isithunzi seqembu, uthe uSteenhuisen kumele asule nakuhulumeni ngoba uhlulwe umsebenzi.

Nesikhulu esiphezulu se-AfriForum, uMnuz Kallie Kriel, sigxeke uSteenhuisen ngokuzibandakanya ne-ANC, alaxaze amaBhunu.

UKriel ukhale ngokuthi uphambukile emigomweni ye-DA ezintweni ezithinta umthetho wezikole iBela kanjalo nangendlela asingethe ngayo udaba lwesifo samatele.

"USteenhuisen udinga ukuhlonishwa ngomsebenzi omuhle awenzile eminyakeni eyisithupha edlule ehola leli qembu. Wathatha izintambo zokuhola esikhathini esasinzima, wakwazi ukubuyisa ukwesekwa kwe-DA. Wahlanganisa amaqembu aphikisayo emuva kokhetho lwango-2024, wawafaka kuhulumeni weGNU. Ushiya i-DA esimweni esihle kunangesikhathi ethatha izintambo ngo-2019," usho kanje ku-X. Wathatha izintambo kuDkt Mmusi Maimane, owasula kuleli qembu.