Izindaba

Zibakhalele 'ababulala umakhelwane' beyogeza ngezimbuzi emfuleni

Zimbili Vilakazi|Published

UMNUZ Mlondi Jula

Image: SITHUNYELWE

ZIPHINDE zaqala phansi zagcwala amehlo izinyembezi emndenini wowesilisa KwaNzimakwe, ePort Shepstone, okuthiwa wabulawa ngesihluku ngo-Okthoba nyakenye, kulandela ukuboshwa kwabesilisa ababili abaziwayo eGoli, abasolwa ngokumbulala. 

UMlondi Jula (23) owayegcine ukubonwa ephila ngesikhathi ehamba nabasolwa ngo-Okthoba 22 2025, watholwa eCentocow, eCreighton, eduze komfula uMzimkhulu ngo-Okthoba 29 2025. Eduze kwesidumbu sakhe kwakukhona izimbuzi ezimbili nazo ezazibulewe, kanjalo namakhandlela. Isidumbu sakhe sasigcwele amanxeba okugwazwa umzimba wonke, sinanezindawo ezikhombisa ukuthi ucwiyiwe. 

Ngesikhathi ehamba ekhaya, wayetshele umndeni wakhe ukuthi usaphelezela omakhelwane, ababefuna imoto eyayizobahambisa emfuleni ukuyogeza. Emva kwalokho, akabange esabuya ekhaya, nabo abasolwa akabange besabuya endaweni, bebeka izaba ezehlukene.

Imoto kamufi yagcina itholwa emuntwini wendawo ngasemfuleni ngaphambi kokuthi kutholwe isidumbu. Lowo muntu wendawo wathi ubizwe ngabasolwa bethi akazobadonsisa yona ngoba ibhajwe kade beyogeza. Ngaleso sikhathi abazange bayiphathe eyokuthi imoto ngekamufi. Kwathi sekubhekisiswa ngasemfuleni, satholakala isidumbu sakhe.

Udadewabo kamufi, uNksz Noluthando “Thuwe” Jula ekhuluma neSolezwe izolo, uthe bajabule uhhafu ngokuboshwa kwabasolwa njengoba kubuyise usizi kwabanye bomndeni.

“Ngithe ngimbikela ubaba ukuthi amaphoyisa athi sebeboshiwe abasolwa, wathi mntanami ngizwa kugcwala izinyembezi emehlweni,” kusho uNksz Jula.

Uthe bajabule ngokuthi abasolwa bagcine beboshiwe lapho bese bebhace khona, wathi nokho bona bafisa ukuthi bake banikwe isikhathi sokuthi bahlale nabo phansi, bagonyuluke ngokuthi kungani bakhetha ukumenzakalisa ngesihluku esinje ekubeni bengomakhelwane?

“Okusizwisa ubuhlungu ngayo yonke le nto ukuthi akubona abantu esingabazi, abantu abakhulele phambi kwethu, siyabazi. Okudale ukuthi bambulale ngesihluku esinje namanje asikwazi. Siyafisa basichazele. Ukuma kwabo ebhokisini enkantolo, bephendula leyo mibuzo embalwa ngeke kwanele kithina ukuthi sithobeke amanxeba,” kusho uNksz Jula.

Udalule ukuthi kwenzeka konke lokhu nje, unina sewaphila ngamaphilisi okhwantalala kulandela ukuhluleka ukumelana nokudlula kwendodana yakhe ngesihlungu.

Uthe banethemba lokuthi njengoba sebebanjiwe, umthetho uzosebenza, umndeni ubuthole ubulungiswa.

Police comment…