LAPHA kungesikhathi kuklonyeliswa abafundi abenze kahle kwisiFunda iLembe
Image: SITHUNYELWE
AKUMELE luphathwe ngokuxhamazela udaba lwabafundi bangaphandle kwaseNingizimu Afrika abafunda ezikoleni zakuleli kodwa kunalokho kumele luphathwe ngobukhulu ubunono lobu.
Lokhu kushiwo yiPhini likaNgqongqoshe loMnyango wezeMisebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda kuleli, uMnuz Sihle Zikalala.
Ubekade eyisikhulumi sosuku emcimbini omkhulu wokuklonyeliswa kwabafundi abenze kahle kakhulu ka-matric wanyakenye, esifundeni iLembe. Umcimbi ubukade usehholo lomphakathi laKwaMaphumulo ngempelasonto.
UZikalala uthe ukubonile ukuxokozela obekwenzeka esikoleni i-Addington eThekwini, wathi lolu udaba lubucayi okumele lusingathwe ngokucophelela okukhulu ukuze kungeke kuze konakale izinto eziningi.
''Ngikholwa ukuthi lolu akulona udaba olungavele lukhulunywe nje luphele ngosuku olulodwa. Ludinga ukuba luphathwe ngokukhulu ukucophelela lokhu ukuze kungeke kube khona izinto ezonakalayo," usho kanjena.
UZikalala ukhuluma kanjena nje, kuke kwashuba kulesi sikole njengoba bekunemibhikisho ngaphandle kwaso, abaseNingizimu Afrika bebhodla umlilo bekhala ngokusala ngaphandle kwezingane zabo ekubeni ezokufika zibe zizitholile izikhala zokufunda.
Lo mbhikisho oqhubeke izinsuku, ubuholwa ngabeMarch in March abaholwa nguNkk Jacinta Ngobese-Zuma. UNkk Ngobese-Zuma ekhuluma nabezindaba, ukuzwakalise kaningi ukuthi abaneme ngokuvalelwa ngaphandle kwezingane zakuleli, wathembisa ukuthi bazokwenza konke okusemandleni abo ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi siyatholakala isixazululo sale ngwadla. Nebala bagcine benqobile njengoba kuze kwahambela uMphathiswa wezeMfundo eKZN, uMnuz Sipho Hlomuka, ofike kulesi sikole ngeledlule abafundi abebeshiywe ngaphandle bathola izikhala.
Mayelana nokwenza kahle kwesifunda iLembe emiphumeleni ka-matric, uZikalala uthe uyaziqhenya kakhulu ngendlela abafundi bakulezi zikole abenze kahle ngakhona.
''Kuyinto ejabulisayo kakhulu ukubona abafundi bethu benza kahle kangaka. Siyafuna ukubona isifunda iLembe sidlondlobala kakhulu uma kukhulunywa ngodaba lwezemfundo,'' usho kanjena.
Uthe badinga ukuchonywa uphaphe lwegwalagwala bonke othisha bezikole abenze isiqiniseko sokuthi konke kubonakala kuhamba ngendlela efanele emiphumeleni ka-matric ka-2025.
IMeya yeLembe, uMnuz Thobani Shandu, ithe bahlabeke umxhwele ngendlela lesi sifunda esenze kahle ngayo. Lokhu uthe bayazigqaja kakhulu ngakho.
Lo mcimbi uphethe ngokuthi kuklonyeliswe bonke abafundi bakulesi sifunda abenze kahle ezifundweni zabo.
Related Topics: