Nksz Nkosingiphile Mnyango
Image: SITHUNYELWE
Ayanda Mthembu
Image: SITHUNYELWE
KUBE wusizi emndenini wakwaMnyango eCinci, eMfolozi, injabulo yokuthi kuzoba nomcimbi omcncane ekhaya, iphenduka imvula yezinyembezi njengoba kubhubhe izihlobo eziyisithupha engozini yomgwaqo.
Le ngozi ebiphakathi kweloli nemoto ebihamba abagilwa yenzeke emgwaqweni uN2, uma udlula eManandini, eMtubatuba, ngoLwesihlanu ebusuku.
Bayisihlanu abadlulele esigamekweni, kwathi owesithupha wadlulela esibhedlela KwaHlabisa.
Kwababhubhile kukhona uMnuz Vuyani Gcaleka (43), Nkk Nokuphakama Mnyango (85), Nksz Nkosingiphile Mnyango (53), Nksz Senamile Buthelezi (29), ingane yentombazane u-Ayanda Mthembu (12) nengane yomfana uLubanzi Buthelezi (5).
U-Ayanda wuye oshonele esibhedlela abephuthunyiswe kuso. Isolezwe lithole ukuthi enye ingane, uSibani Buthelezi (11) abephuthunyiswe naye kulesi sibhedlela, yedluliselwe kwesaseNgwelezane.
Umfowabo kaVuyani, uMnuz Lindani Gcaleka, uthe ingozi yehle abakubo besuka ekhaya elikhulu eCinci, belibangise eMfekayi, lapho unina ebezokwenza khona itiye.
Nksz Senamile Buthelezi
Image: SITHUNYELWE
“Basuke ekhaya elikhulu behamba ngezimoto ezimbili, beshiyana. Eyehlelwe yingozi ibishayelwa uVuyani, kuthi ebone umonakalo, ishayelwa umkakhe,” kusho uGcaleka, othe lezi zimoto bezishiyana ngebanga elinde, kwazise bekungekho ukukhathazeka kokuthi kukhona ongayazi indlela yalapho obekuyiwa khona.
Uthe imoto yesibili iyibonile ingozi ebinyantisa igazi eyidlule eManandini kodwa ebebephakathi banganaka.
“Baqale ukwethuka uma sebefonela ekhaya lapho obekuyiwa khona, bebuza ukuthi sebefikile yini oVuyani, kwathiwa abakafiki. Bethukile, becabanga ukuthi akukwazi ukuthi ngabe namanje abakafiki ekhaya abantu ebebebashiya ngebanga elide kangaka,” kusho uGcaleka.
Mnuz Vuyani Gcaleka
Image: SITHUNYELWE
Uthe babe sebethatha isinqumo sokuthi bajike babuyele emuva, bayobheka le ngozi abayedlule eManandini, nebala bathola ukuthi impela yibo.
Uthe ingozi ibabulele bephila bewumndeni, wathi ibehle ngaphezulu njengoba kudlule inqwaba engaka ekubeni umndeni ubuzimisele ngokuyojabula, uhlangana etiyeni.
Ukhale ngokuthi bafe olwembiza ngazo zonke izihlobo ezidlulile, waveza ukuthi uVuyani ubeyinsika yomndeni, evuse ikhaya kukubi.
NKK Nokuphakama Mnyango
Image: SITHUNYELWE
“Silimele kakhulu siwumndeni,” kusho uGcaleka obezwakala ukuthi akukhulumeki.
Uthe kabanawo amandla okuthwala wonke umsebenzi wokufihla ngesizotha abantu abaningi kangaka bewumndeni, wathi nanoma iluphi usizo abangaluthola, lungenza omkhulu umehluko.
Kwenzeka le ngozi nje, ngoLwesine, bekukade kubatshazwa enye enyantisa igazi eyenzeke phakathi kwetekisi neloli, eLotus Park, eSipingo, eThekwini. Kuyona kudlule abangu-14, kwalimala kanzima abayisishiyagalombili.
UMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal nethimba elithunyelwe nguMphathiswa uMnuz Siboniso Duma, lihambe layohlanganisa amehlo nomndeni izolo.
Lubanzi Buthelezi
Image: SITHUNYELWE
Related Topics: