Izindaba

Lihlehlisiwe elowaseMozambique osolwa ngokubulala uDJ Warras

Fanelesibonge Bengu|Published

U-Armindo Pacula osolwa ngokubulala uDJ Warras ngoDisemba nyakenye

Image: Youtube

Lihlehliselwe uFebhuwari 9 icala lommangalelwa wesibili ecaleni lokubulawa kukaDJ Warras obingelele iMantshi enkantolo yaseGoli ngoMsombuluko ekuseni.

U-Armindo Pacula (25) odabuka eMozambique, uboshwe emikhukhwini yaseMarathon, ePrimrose, ngoLwesihlanu ebusuku.

Ubhekene necala lokubulala nokwephula imithetho elawula abakwamanye amazwe eNingizimu Afrika.

U-DJ Warras wadutshulwa wafa esenkabeni yeGoli, ngoDisemba nyakenye.

Ummeli kaPacula utshele inkantolo ukuthi ikheli anikezwe lona wumsolwa alicacile futhi akuveli ukuthi unamaphepha aqondile okuba kuleli.

Uthe kodwa uyagcizelela ukuthi ufuna ukufaka isicelo sebheyili.

UPacula uthe unepasi elithathwe ngamaphoyisa.

Umbuso uthe ucela icala lihlehliswe lihlanganiswe nelommangalelwa wokuqala uVictor Majola ogqunywe esitokisini emuva kokuncishwa ibheyili ngenyanga edlule.

UMajola uzobuyela enkantolo ngoFebhuwari 11.

IMantshi ilihlehlisele uFebhuwari 9 ukuze kuqinisekiswe amaphepha akhe okuba kuleli nekheli.