Izindaba

Umelwe yinhliziyo ethola usizo lokuqala engozini yaseMkhambathini

Nonkululeko Nhlapo|Published

Kufe oyedwa kushayisana izimoto kuN3

Image: ALS Paramedics

Ngemuva kwehora lokuqala ngeSonto emini abezimo eziphuthumayo bakwa-ALS phuthume engozini ebandakanya izimoto ezimbili ku-N3 uma ubheke eThekwini ngaseMkhambathini.

Kule ngozi kubikwa ukuthi iveni ebinabagibeli ishayisane nemoto encane yaphaphalaza yakhafula abagibeli.

Umshayeli weveni owesilisa oneminyaka eko-40 ubelimele kakhulu kanti ngesikhathi abe-Advanced Life Support Paramedics bezama ukumsiza endaweni yesigameko uvele wamelwa yinhliziyo, washona. Abanye abagibeli abayishumi nambili baphuthunyiswe ezibhedlela ezahlukene ukuze bathole ukunakekelwa okwengeziwe.

I'm Angela yengozi ayaziwa, amaphoyisa ayaphenya.