Izindaba

Lishaywe ngoswazi oluncane iphoyisa elabulala umuntu ejoyintini

Nonkululeko Nhlapo|Published

LIGWETSHIWE iphoyisa elabulala umuntu ethaveni

Image: IOL

INKANTOLO yeSifunda eMtubatuba igwebe uVusumuzi Jetro Thabethe (45) iminyaka ewu-15 ngokubulala umuntu ethaveni.

UThabethe wayeyiphoyisa eliwu-Sergeant embuthweni we-South African Police Service (SAPS) ngesikhathi sesigameko.

Ngo-29 September 2024 ntambama, uThabethe owayengekho emsebenzini, waya ethaveni yendawo. Wafica umufi uSanele Sihlongonyane (40) ehleli etafuleni ephuza nabangani bakhe. UThabethe noSihlongonyane babazana kahle. Etafuleni likamufi kwakukhona ibhakede, nokwathi uma uThabethe efika walithatha. USihlongonyane wasukuma wamlandela efuna ibhakede lakhe. Balandelana baze bafika phandle bafika baxabana bebanga ibhakede. 

Ummangalelwa washaya umufi ngequpha kwasuka isidumo kwaliwa, wahosha isibhamu somsebenzi wadubula phansi. Umufi wambuza ukuthi kungani edubula kodwa yena waqhubeka wamdubula ebusweni. UThabethe wangena emotweni wadubula emoyeni washaya wachitha. Abantu ababekhona baphuthumisa uSihlongonyane esibhedlela kwafika kwathiwa useshonile.

Washaya imoto waya emaphoyiseni eNgwavuma wayozinikela khona washo ukuthi usedubule umuntu. UThabethe waboshwa khona lapho. Enkantolo, uMshushisi uPhumlani Thembalethu Khoza ubize ofakazi ababili abazibonela nodokotela owahlola isidumbu sikamufi. Kwabizwa nesazi sezibhamu owaqinisekisa ukuthi isibhamu esadubula yisona impela esasiphethwe wuThabethe.

UThabethe ulahlwe ngecala ngaphansi kuka-Section 51(2) of the Criminal Law Amendment Act 105 0f 1997 okuhambisna nesigwebo seminyaka ewu-15. Inkantolo ithe ummangalewa akafanelwe wukuba nemvume yokuphatha isibhamu. Ummangalelwa wayeyiphoyisa, bekufanele ahloniphe umthetho.