OBENGUNOBHALA ebuholini beSACP obuhlakaziwe eKZN, uMnuz Themba Mthembu
Image: SIGCINIWE
USHAYELELE isipikili sokugcina ngokuhlakazwa kobuholi be-SACP KwaZulu-Natal, umhlangano oyisipesheli wamaKhomanisi obungeledlule.
Lokhu kuvezwe yisitatimende esikhishwe yile nhlangano ngoLwesine, emva kwalo mhlangano obungoJanwuari 23, 2026.
Isitatimende sithe, umhlangano obubheka ukusebenza kwale nhlangano eKZN, uvumelene ngesinyathelo seCentral Committee, sokuhambisana nesinqumo sango-Okthoba 2025 seSACP Politburo, sokuhlakaza ubuholi baseKZN.
"Lufinyelele esiphethweni udaba lokuhlakazwa kobuholi baseKZN, njengoba kwafakwa ithimba lesikhashana ukwengamela lesi sifundazwe. Okuseqhulwini kuleli thimba ukuhlelela ingqungquthela yesifundazwe lapho kuzokhethwa abaholi abasha," kusho isitatimende.
Abaholi abahlakazwa ababeholwa nguNobhala uMnuz Themba Mthembu, bayayichitha eyokuhlakazwa.
Laba baholi bakholelwa ekutheni bahlakazwa ngenxa yokungahambisani nesinqumo sokuzimela kwamaKhomanisi okhethweni lohulumeni basekhaya.
Related Topics: